IMan City ibukise nge-Arsenal

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo

IManchester City ivame ukuthola ekufunayo futhi ifuna ukuwina i-Premier League kule sizini.

Yize i-Arsenal ihamba phambili ngamaphuzu ayishumi esigabeni esisodwa sesizini uPep Guardiola neqembu lakhe le-Manchester City basazimisele ngokusigcina isicoco sabo.

NgoLwesithathu bathole ithuba lokubeka ikusasa labo ezandleni zabo. Obekumele bakwenze bekuwukuhlula izimbangi zabo. Futhi yilokho kanye abakwenzile. Bawine ngo 4-1 emdlalweni obunamandla obunazo zonke izinto ezizobenza babe ngompetha maduze.

Ezingxenyeni ezinkulu zesizini kubukeka sengathi i-Arsenal izowina indebe yayo yokuqala ye-Premier League kusukela ngo-2004 – kangangokuthi nabalandeli bayo bebekholwa ukuthi kuzokwenzeka.

Kodwa-ke, ukudlala imidlalo emine ngaphandle kokuwina kwenze i-Manchester City yahamba phambili ekuvikeleni isicoco sayo seligi sesithathu kulandelana.

Okwenza izinto zibe zimbi kakhulu kwi-Arsenal imidlalo yayo esele ibeka inselelo enkulu kunaleyo i-Manchester City ebhekene nayo.

Emidlalweni yabo emithathu elandelayo bazobhekana ne-Chelsea, i-Newcastle United kanye ne-Brighton & Hove Albion futhi yonke le midlalo inzima kuMikel Arteta nabadlali bakhe.

Manje i-Arsenal kuzomele iqinise imingcele ukuthi amanye amaqembu akwiligi ayenzele umusa futhi aphoqe i-Mancheater City ukuthi ilahlekelwe amaphuzu.

Ithemba le-Arsenal ukuthi i-Manchester City ihlale kwi-Uefa Champions League ne-FA Cup nokuyizinto ezingaba iziphazamiso kwi-Manchester.

Kodwa-ke, uma uwina into engcono kakhulu ongayenza ukuqhubeka nokuwina ukuze uqhubekisele umfutho phambili.

Leli qembu lase-North London lisahlezi esicongweni se-Premier League ngamaphuzu amabili kodwa i-Manchester City inemidlalo emibili okusamele iyidlale. Ukuwina kuyo yomibili le midlalo kungabenza bazithole sebehamba phambili ngamaphuzu amane.

Kodwa-ke, ukuwina kwe-Arsenal kuqubule inkulumompikiswano entsha yokuthi i-Manchester City yenze iligi ingabi nokuncintisana kakhulu.

Selokhu yawina isicoco sayo sokuqala ngo-2012 i-Manchester City isiwine ezinye izicoco ezinhlanu ze-Premier League futhi manje isiyizintandokazi zokuphakamisa isicoco sayo sesikhombisa eminyakeni engu-11.

Okukhathazayo kuyona yonke imidlalo yeligi ukuthi i-Manchester City iya ngokuba ngcono.

Esithombeni esingenhla: I-Manchester City igubha ukuhlula i-Arsenal

Umthombo wesithombe: Premier League

Izihloko zakamuva