Lubhalwe nguRazeen Gutta
I-Manchester City ithole amanye amaphuzu angu-90 ngesikhathi ihlula i-Chelsea ngo 1-0 e-Etihad emdlalweni wayo wokugcina wasekhaya wesizini.
UPep Guardiola wenze izinguquko eziyisishiyagalolunye eqenjini elihlule i-Real Madrid phakathi nesonto; futhi ngisho isiwine isicoco i-Manchester City ibiwuphethe wonke umdlalo.
Kube umpetha womhlaba uJulian Alvarez owephule umgqigqo kaCole Palmer ngesikhathi ethola usizo kungakapheli imizuzu engu-12.
Manje i-Manchester City isishaye amagoli ayikhulu ekhaya kule sizini kuyo yonke imiqhudelwano okungamagoli angaphezu kuka-30 kunoma yiliphi iqembu eliphuma kumaligi amahlanu aphezulu ase-Europe.
URaheem Sterling ubukeke ebukhali uma ebhekene neqembu lakhe lakudala kodwa akazange alithole igoli lokulinganisa kanti i-Chelsea isilahlekelwe isicoco seligi okwesi-15 kule sizini.
Emidlalweni edlule i-Leeds United isondele ekugawulweni izembe ngemuva kokulahla ithuba ngesikhathi ihlulwa ngo 3-1 i-West Ham ngaphambi kokuthi i-Brighton ishaye i-Southampton esendaweni ephansi ngendlela efanayo e-Amex.
Alikho iqembu elilahlekelwe amaphuzu amaningi emaqenjini ahola phambili kwi-Premier League kule sizini kune-Leeds kanti ezikaSam Allardyce ziwine imidlalo emibili kuphela kweyisishiyagalolunye edlule lapho ezithole khona amaphuzu.
Imiphumela yangempelasonto ibashiye benamaphuzu amabili ngemuva kwe-Everton kanti i-Leicester isazodlala njengoba la maqembu amathathu elwela indawo eyodwa ukugwema izembe.
Esithombeni esingenhla: Abalandeli be-Manchester City
Umthombo wesithombe: @ManCity