Lubhalwe nguRazeen Gutta
I-Premier League ikuqinisekisile ukuthi ompetha i-Manchester City babekwe amacala okwephula imithetho eminingi yezezimali kulandela uphenyo lweminyaka emine.
Iqembu likaPep Guardiola seliwine izicoco ezine zeligi eminyakeni emihlanu edlule futhi selisayinise abadlali abaningi ngaphansi komnikazi walo ongusozigidi uSheikh Mansour owathatha izintambo eminyakeni engu-14 edlule.
Kodwa i-Premier League imemezele ukuthi uphenyo lwayo ngeqembu seluvuse amacala amaningi nokuthi icala lizodluliselwa kwikhomishini ezimele.
“Ngokuvumelana nomthetho we-Premier League (W.82.1), i-Premier League iqinisekisa ukuthi namuhla idlulisele izinsolo zokwephulwa kwemithetho ye-Premier League i-Manchester City kwiKhomishini ngaphansi komthetho we-Premier League-(W.3.4),” kusho lolu phiko kwisizindalwazi salo esisemthethweni.
“Amakhomishini azimele kwi-Premier League nasemaqenjini angamalungu. Amalungu eKhomishini azoqokwa uSihlalo ozimele wePhaneli yezobuLungiswa ye-Premier League ngokuvumelana neMithetho ye-Premier League we-W.19, we-W.20 kanye nowe-W.26.”
“Ukuqulwa kwecala phambi kweKhomishini ngokuhambisana noMthetho we-Premier League we-W.82 kuzoba yimfihlo futhi kuzolalelwa ngasese. Ngaphansi koMthetho we-Premier League -(W.82.2) isinqumo sokugcina seKhomishini sizoshicilelwa kwisizindalwazi se-Premier League.”
“Lesi siqinisekiso senziwa ngokuhambisana noMthetho we-Premier League we-W.82.1. I-Premier League ngeke iphinde iphawule mayelana nalolu daba kuze kube kuphinde kwenziwa isaziso.”
Iqembu liphendule lathi “liyamangala” ngala macala.
“I-Manchester City imangele ngokwenziwa kwalezi zinsolo zokwephulwa kweMithetho ye-Premier League ikakhulukazi uma kubhekwa ukusebenzelana okubanzi kanye nenani elikhulu lezinto ezinikezwe i-EPL,” kusho i-City kwisizindalwazi sayo.
“Iqembu liyakwamukela ukubuyekezwa kwalolu daba yikhomishini ezimele ukuthi icubungule ngokungachemi indikimba yobufakazi obungaphikiswa obukhona obusekela umbono wayo. Ngakho-ke, sikubheke ngabomvu ukuthi lolu daba luphothulwe unomphela.”
Izijeziso ezingaba khona zihlanganisa ukudonswa kwamaphuzu noma ukuxoshwa ngokuphelele kwiligi uma ngabe ukwephulwa kwemithetho kutholakala.
Esithombeni esingenhla: Inkundla yezemidlalo i-Etihad
Umthombo wesithombe: @Sporf