IMan City endleleni yokuthola isicoco sokuqala kwezintathu 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo

Njengoba i-Manchester City ifuna izicoco ezintathu isicoco sokuqala kwezintathu singafika kule mpelasonto.

➤ Ngemuva kokuzibekisela indawo kwi-Uefa Champions League okwesibili kuphela emlandweni waleli qembu i-Manchester City izobe ingakhathazekile ngaphambi komdlalo wayo ne-Chelsea ngeSonto.

Kodwa lokhu akuwona umdlalo ovamile. Ukuwina bebhekene ne-Chelsea kuzoqinisekisa i-Manchester City isicoco sayo sesithathu se-Premier League kulandelana.

Ngaphandle kokulandela i-Arsenal isikhathi esiningi sesizini, ukudlala imidlalo engu-23 ngaphandle kokuhlulwa kubeke abadlali bakaPep Guardiola embangweni wokuwina iligi njengoba besaselwe imidlalo emibili kuphela.

Ukwenza izinto zibe mnandi kakhulu ukuthi i-Manchester City izobe idlala phambi kwabalandeli bayo ngeSonto ngehora lesihlanu ntambama ngenhloso yokuwina isicoco seligi.

Cishe i-Chelsea izoba isisulu esilula se-Manchester City njengoba leli qembu lase-London lidonsa kanzima ukuthola ifomu yalo.

Ngakolunye uhlangothi i-Manchester City igcine ukuhlulwa ibhekene ne-Tottenham Hotspur mhla zinhlanu kuNhlolanja. Yebo, kunjalo!

Iqembu elisendaweni yesibili i-Arsenal nabalandeli bayo sebevumile ukwehlulwa kodwa bazobheka ukuqeda isizini yabo bephezulu emidlalweni yabo emibili yokugcina njengoba kowokuqala bezobe bedlala ne-Nottingham Forest ngoMgqibelo ngo-6.30 ntambama.

Kunemidlalo embalwa ezobaluleka ekunqumeni izindawo zokugcina ezihamba phambili kanye nokuhlungela ukuya e-Europe njengoba i-Premier League isondela ekupheleni.

Yonke imidlalo ye-Premier League izokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 203.

➤ Ikusasa leMamelodi Sundowns kwi-CAF Champions League lizonqunywa emlenzeni wayo wesibili owandulela owamanqamu ngoMgqibelo ntambama.

Kule sizini iSundowns isonge i-DStv Premiership ngendlela encomekayo kodwa impumelelo yayo isemiqhudelwaneni emikhulukazi yase-Afrika.

ISundowns ayikaze iwine lo mqhudelwano kusukela ngo-2016 kanti izobe ihlose ukukushintsha lokho ngoMgqibelo ngehora lesithathu ntambama.

Iqembu lasePitoli lizojabulela umdlalo wasekhaya ima selidlala ne-Wydad Casablanca njengoba la maqembu amabili ebambene ngo 0-0.

Uma ingawina iSundowns izophendla indlela eya phambili njenge-Manchester City kodwa uma ingahlulwa isizini yayo izophela beyiqembu elehlulekile. Ingcindezi iqalile! Lo mdlalo ozobe uphakathi kweSundowns ne-Wydad uzokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 205.

➤ Yonke imidlalo emine ye-Currie Cup kufanele ibukwe – ngezizathu ezahlukene.

NgoLwesihlanu (ngehora lesihlanu ntambama) iWestern Province izokwamukela iPumas eKapa emdlalweni wokubanga indawo ephezulu etafuleni. Womabili la maqembu adlala umbhoxo ovulekile futhi womabili amaqembu afuna ukuwina. Ngehora lesikhombisa ebusuku amaSharks azobhekana neCheetahs. Ingabe amaSharks azokwazi ukunqanda uRuan Pienaar kanye nesitayela seCheetahs esigeleza ngokukhululekile?

Imibuzo eminingi emnandi kufanele iphendulwe. Akukho okusikisela ukuthi uGriffons ogulayo uzogila izimanga uma sebebhekene neGriquas ngoMgqibelo (ngehora lesithathu ntambama) kodwa umdlalo ozobe uphakathi kwamaLions namaBulls e-Emirates Park (ngehora lesihlanu ntambama) uyaqakeleka. Kodwa-ke, njengoba amaLions elwa nabaphathi bawo ngendlela efanayo nezimbangi zawo angase aphinde enze isimangaliso kanti amaBulls azobe edle ubhedu afuna isicoco azobe ephefumula umlilo.

Umbhoxo we-Currie Cup uzokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 211.

➤ Ngemuva komdlalo obuse-Toulouse lapho iBlitzobk edlale khona kowe-sevens ngezinye izikhathi ibuyela emikhubeni yayo emibi yakudala futhi kunzima ukubikezela ukuthi izodlala kanjani e-London. Emidlalweni yabo ye-pool ngoMgqibelo badlale nosokhaya i-Great Britain (ngo-12.07 pm), iMelika (ngo-3.15 ntambama) kanye ne-New Zealand (ngo-7.33 ebusuku). Ukuhlungela imidlalo yama-Olympic kuya ngokushabalala kodwa singaba nethemba.

Imidlalo ye-Sevens izokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 211.

➤ Kulabo ababuka ibhola lombhoxo lamazwe ngamazwe umdlalo wangempelasonto wamanqamu we-Champions Cup phakathi kwe-Leinster ne-La Rochelle uzobe use-Dublin ngoMgqibelo (ngo-5.45 ntambama).

Lindelani abalandeli abaningi base-France abazokwenza izinto ezimbi njengenjwayelo kodwa ngeke kube kubi njengoba kusuke kukubi uma kudlalelwa e-France. Ungase ufune ukuwubuka lowo mdlalo.

Owamanqamu we-Champions Cup uzokhonjiswa bokhoma esiteshini se-DStv 201

Esithombeni esingenhla: I-Manchester City ibungaza ukuhlula i-Real Madrid

Umthombo wesithombe: Man City

Izihloko zakamuva