Imali yokuqasha amabhilidi kaHulumeni izosiza amakhosi neziNduna ngeMedical Aid

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UMnyango wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu eKZN wonge imali engu-R72 million ngokuthuthela oLundi kanti izoxhasa amakhosi neziNduna.

Lokhu kumenyezelwe uMfundisi uThulasizwe Buthelezi onguNgqongqoshe walo Mnyango ngemuva kokuba esayine isivumelwamo noMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi sokuthatha amabhilidi angu-80 asoNdini ukuba asetshenziswe uMnyango wakhe.

“Selokhu sithuthele lapha oNdini sashiya imiqasho uKnyango obukhokhela ammahovisi eMgungundlovu sesonge imali engu-R72 million. Le mali sizoyifaka esikhwameni esibhekele izimpesheni zamakhosi neziNduna Kanye nohlelo olubabhekele kwezeMpilo,” kusho UButhelezi.

Mayelana nokuthuthela oLundi uButhelezi, lesi sivumelwano sengqophamlando sizoletha amabhilidi angaphezulu kuka-80 abawanikezwe ngumnyango kaNgqongqoshe uMartin Meyer banezinhlelo eziningi ngokusetshenziswa kwawo.

“Ziningi nezinhlelo esinazo ngeSishayamthetho kanti amabhilidi azobhekwa isimo akusona bese eyalungiswa. Kuzoba nazolungiselwa ukuthi kuhlale amakhosi nezinduna uma eye emihlanganweni yawo oLundi kuthi ezinye kuqashiswe ngazo. Lokhu kusho ukufukuleka komnotho oLundi nokubaseduze kwezidingo zikahulumeni kubantu,” kusho uMfundisi Buthelezi.

Uphinde waveza ukuthi ibhilidi ebeliqashwe nguMnyango wakwaCogta eMgungundlovu, likhokhelwa imali engango-R24 million ngonyaka, ngeke isavuselelwa leyonkontileka.

Izihloko zakamuva