‘Imali yakho isaphephile ebhange Ithala’

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Uhulumeni waKwaZulu-Natal uthi uphezu kwezinhlelo zokuhlenga ibhange Ithala ukuthi lingavalwa, kodwa okwamanje lisasebenza njengenjwayelo.

Lokhu kulandela isinqumo se-Financial Sector Conduct Authority sokungavuseleli ilayisensi yabahlinzeki bezinsizakalo zezezimali yesikhungo sezezimali esinomlando wabantu abamnyama.

UMphathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo, uMfundisi Musa Zondi, ubikele abezindaba eThekwini ngalolu daba namuhla.

Ngesikhathi kuqhubeka isithangami ujoyinwe yizikhulu zaleli bhange.

UZondi uthe baphezu kwemizamo yokuthola isixazululo.

“Lezi zinkinga sazifica ngesikhathi sithatha izintambo njenge-seventh administration; lolu daba beluvele lusenkantolo ngesikhathi singena emahhovisi futhi sithatha nezindima zethu. 

“Manje sekuwumsebenzi wethu … ukulungisa le nkinga ngokushesha njengoba kungekho nhloso noma isifiso sokuthi Ithala livalwe,” kusho uZondi.

Uphinde wathi amakhasimende asebhange akumele akhathazeke; izimali zawo ziphephile futhi ngeke zinyamalale.

“Ithala alizange liyalelwe ukuthi liyeke ukuhweba,” kungeza uZondi.

Lezi zikhulu zicacise ukuthi ukuphela komsebenzi ibhange elingeke likwazi ukuwenza njengamanje wukuthatha imali.

Okwamanje ibhange lizodlulisela ibhizinisi lalo ophikweni lwe-Ithala Development Finance Corporation, elinelayisensi esemthethweni, ngesikhathi lizama ukulungisa inkinga ekhona futhi lithole nelayisensi yalo yokuhlinzeka ngezinsizakalo zezezimali.

I-Scrolla.Africa ike yabika phambilini ngesicelo seNkosi uMisuzulu sokuthi kusheshiswe isisombululo mayelana nokumiswa kwelayisensi yebhange Ithala https://izindaba.scrolla.africa/isilo-sifuna-ungqongqoshe-nondunankulu-wasekzn-balungise-inkinga-yokuvalwa-kwe-ithala-ngokushesha/.

Esithombeni ngenhla: UMphathiswa uMfundisi Musa Zondi enezikhulu zasebhange.

Umthombo: Sihle Mavuso

Izihloko zakamuva