IMajor League ye-Baseball iza kuleli

Lubhalwe nguRazeen Gutta

UTayler Scott wakuleli uqale ukubonakala ku-Los Angeles Dodgers kulo nyaka njengomdlali wokuqala ngqa ukumela izwe ku-Major League baseball (MLB).

UScott wathuthela e-States eneminyaka engu-16 ukuyodlala lo mdlalo, kodwa usakwazi ukuchitha amaholide akhe ekhaya futhi ngokuziqhenya ugqoka amagilavu anefulegi lakuleli.

“Besibaningi emjahweni, kodwa bengingowokuqala ukuba umdlali wakuleli. Sisekhona isicoco sokuba ngumgadli wokuqala wakuleli ngakho-ke, ngisesemjahweni walokho. Kungaba impumelelo enkulu ukuba naleso sicoco,” kusho uScott engxoxweni ne-Good Things Guy ngo-2018.

“I-baseball kuleli ayivelele kakhulu. Umdlalo wabafana wokuzithokozisa ngeSonto. Kancane kancane i-MLB isiqalile ukuthola ama-scouts ukuze bazibonakalise futhi sesidlale ku-World baseball Classic.

“Njenganoma imuphi umdlalo kufanele ukhulele kuwo ngokwesiko lawo. Njengoba sinebhola likanobhutshuzwayo kanye nelombhoxo, kunzima ukukhulisa isiko le-baseball ngenxa yokuthi asinazo izinsiza.

“Noma nini uma ngithola isikhathi, ngangithola umdlalo engangingawudlala. I-baseball ngaqala ukuyithanda ngesikhathi ngikhula njengoba sengingcono kuyo.”

Ngemuva kokudlala ngendlela emangalisayo kuma-ranks e-Seattle Mariners, i-Baltimore Orioles nase-San Diego Padres, lo mdlali oneminyaka engu-31 ubudala wabizwa kuma-majors ngabakwa-Dodger ngoNdasa.

Ungene ngendlela eyisimanga negcine iyimpumelelo mhla zizine kuNhlangulana futhi kumele bamugade.

Isithombe esingenhla: UTayler Scott

Umthombo wesithombe: @taylerscottsa

Izihloko zakamuva