IMadrid ivalelisa kwisihlabani sayo uBenzema

Lubhalwe nguRazeen Gutta

UKarim Benzema uzovalelisa ku-Real Madrid ngemuva kweminyaka engu-14 njengoba ethathwa njengomunye wabadlali abahamba phambili emhlabeni.

Ushiya leli qembu njengomdlali wabo wesibili oshaye amagoli amaningi futhi uvalelisa njengesihlabani seqembu.

Lo mdlali wase-France ushaye amagoli angu-354 emidlalweni engu-658 egijima ku-Los Blancos, wawina izicoco ezinhlanu ze-Champions League kanye nezine ze-La Liga eku-Madrid.

Iqembu limbonge ngesitatimende esisuka enhliziyweni lambiza ngesihlabani esikhulu se-Real Madrid.

“I-Real Madrid CF kanye nokaputeni wethu uKarim Benzema bavumile ukuqeda isikhathi sakhe esihle esingeke sasikhohlwa njengomdlali weqembu lethu,” kusho isitatimende seqembu.

“I-Real Madrid ingathanda ukukhombisa ukubonga nothando kulowo obhekwa njengesihlabani esikhulu seqembu lethu.

“Umsebenzi kaKarim Benzema ku-Real Madrid ube isibonelo esihle sokuziphatha nokusebenza kahle futhi uwafezile amaphupho eqembu lethu. UKarim Benzema uthole ilungelo lokunquma ngekusasa lakhe.

“Abathandi bebhola kanye nabo bonke abalandeli emhlabeni jikelele bajabulele ibhola lakhe elimangalisayo neliyingqayizivele elimenze waba omunye wezingcweti ezinkulu zeqembu lethu waphinde waba omunye wezihlabani ezinkulu ebholeni lomhlaba.

“I-Real Madrid iyikhaya lakhe futhi izohlezi iyikhaya lakhe. Simfisela konke okuhle nawo wonke umndeni wakhe kulesi sigaba esisha sempilo yakhe.”

Kungenzeka ukuthi uBenzema usendleleni ebheke e-Saudi Arabia lapho okubikwa ukuthi i-Al-Ittihad ikhiphe imali enkulu ukusayinisa lo mdlali ophethe indondo ye-Ballon d’Or.

Lezi zindaba zokushiya kwakhe ziphakamise imibuzo yokuthi ompetha base-Europe bazombheka kuphi umgadli omusha kodwa kunamahlebezi wokuthi ukaputeni weNgilandi uHarry Kane ungomunye wabagaqele ijezi lenombolo yesishiyagalolunye.

Esithombeni esingenhla: UKarim Benzema

Umthombo wesithombe: @brfootball

Izihloko zakamuva