Celani Sikhakhane
Iqembu lezinkabi ezibulale amalungu ayisithupha omndeni wakwaButhelezi eNquthu ngoLwesibili ebusuku beliziphindiselela ngesigameko sokubulala esenzeka e-Vosloorus, e-Ekurhuleni.
Laba balisa abebehlomile bagasele kwaButhelezi kunomcimbi befuna insizwa yakulo muzi okusolakala ukuthi yaba nesandla esigamekweni sokubulawa kwabantu e-Vosloorus ngeledlule.
Umthombo osondelene nomndeni udalule ku-Scrolla.Africa ukuthi abasolwa bafike befuna uKhulekani Bruno Buthelezi bavulela ngenhlamvu bebhekise emndenini wakhe befuna ukutshelwa ukuthi ukuphi.
“UBruno ubonakale erenki yase-Nquthu ngempelasonto yePhasika. Ngakho-ke abahlaseli bebecabanga ukuthi bazomthola esekhaya ngoba bekunomcimbi wokuhlanjululwa obuwenzelwe ukukhulula umoya welungu lomndeni elashona enyangeni edlule,” kusho umthombo ongathandanga ukudalulwa igama.
‘Ngebhadi abamtholanga. Babe sebebulala abazali bakhe, ubabekazi wakhe, umshana wakhe nomakhelwane ababili abebephuza utshwala lapho.”
UNks Ncamsile Buthelezi osinde kulesi sibhicongo nengane yakhe enezinyanga ezintathu izelwe, uveze ukuthi ukwazile ukugijima ngesikhathi omunye wababulali ezama ukudubula ubaba wakhe.
“Bafike lapha befuna uKhulekani. Ngesikhathi umama ezama ukubatshela ukuthi sekunesikhathi sagcina ukumbona bamdubule esifubeni. Badubula nomfana abemphethe washonela endaweni yesigameko,” etshela i-Scrolla.Afrca.
Abashonile kulesi sigameko ngu-Eunice Buthelezi (63), umzukulu wakhe uManqoba Buthelezi oneminyaka emine, uMboniseni Buthelezi noNtombeziningi Gumbi (59), uSiyabonga Khoza noSinenhlanhla Khoza, bobabili beneminyaka engu-29.
Ababulali baphinde badubula abafana abathathu abebengeyona ingxenye yomndeni wakwaButhelezi kodwa abebehamba emgwaqeni ongaphandle komuzi.
Kukholakala ukuthi abafana baqhamuke ngesikhathi izinkabi sezibalekela emotweni yazo.
Kushone abantu abayisithupha kulesi sigameko kanti abathathu kuthiwa basesimeni esibucayi esibhedlela i-Charles Johnson Nquthu Memorial.
Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi akukho okuntshontshiwe ngesikhathi sokuhlasela.
ULieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe okwamanje bekungakaboshwa muntu kodwa uphenyo lusaqhubeka.