Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
I-DA iziqhelelanisile nevidiyo eyenziwa ngelinye lamalungu ayo ePhalamende asanda kukhethwa, uMnuz Renaldo Gouws, okuholele ekutheni kufakwe isicelo sokuthi akhishwe ePhalamende likazwelonke.
Isicelo sokuthi uGouws asuswe esikhundleni sisayinwe abantu abangaphezu kuka-30,000 emahoreni angu-24 ngenxa yezinsolo zokucwasa ngokwebala kuvidiyo ayenza ngo-2009.
Nokho iqembu lithi uGouws uyaxolisa ngokuphawula kwakhe.
UGouws ufungiswe njengelungu lePhalamende ngoLwesihlanu ngesikhathi kuqhubeka umhlangano wokuqala wePhalamende likazwelonke. Uke waba yikhansela le-DA eNelson Mandela Bay.
UGouws uthe usexolise izikhathi eziningana ngale vidiyo.
“Ngakhuluma ngale vidiyo ngo-2016 ngaphinda ngo-2020 ngesikhathi ngithintwa abezindaba ngesikhathi ifakwa ezinkundleni zokuxhumana.
“Kwakungesikhathi lapho owayenguMengameli [uJacob] Zuma kanye nomholi wentsha wangaleso sikhathi, [uJulius] Malema, babecula izingoma zokubulala abantu ngokwebala labo,” kubhala uGouws ekhasini lakhe le-X.
Kodwa-ke, uGouws uthe uyakuqonda ukuthi isitatimende sakhe sithathwe kanjani ngephutha lokucwasa ngokwebala.
“Ngiyaziphikisa noma yiziphi izinsolo zokucwasa ngokwebala noma ukucwasa kukodwa. Nokho, ngiyabona ukuthi umlayezo wami wathathwa kanjani nangendlela owethulwa ngayo yimina futhi ngizibophezela ngokugcwele ngezenzo zami engazenza phambilini njengomuntu osemncane ongavuthiwe.”
Esitatimendeni sangoLwesibili, i-DA ithe yazisiwe ngevidiyo eyaqoshwa eminyakeni engu-15 edlule nguGouws.
“Iqembu libikelwe nangencwadi yezikhalazo eqale ngoMsombuluko ehlongoza ukuthi akhishwe esikhundleni sokuba yilungu le-DA ePhalamende likazwelonke.
“I-DA iyaziqhelelqnisa nevidiyo futhi ayihambisani nayo. I-DA iphinde yaphawula ukuthi uMnu Gouws wayikhipha le vidiyo ezinkundleni zokuxhumana eminyakeni eyishumi edlule waxolisa futhi ngale vidiyo nokuqukethwe kuyo ngo-2013,” kusho isitatimende.
Iqembu alizange lisho ukuthi yiziphi izinyathelo, uma zikhona, ezizothathelwa uGouws.
“I-DA ikholelwa ukuthi uGouws uyazisola ngempela ngakusho eminyakeni eyishumi edlule,” isho kanje.
Esithombeni ngenhla: Ilungu le-DA elisanda kukhethwa uRenaldo Gouws, osolwa ngezinsolo zokucwasa ngokwebala.
Umthombo: X