Kamogelo Muvhenzhe
Ephalamende laseNingizimu Afrika, amalungu angagqoka noma yini, kufaka phakathi izigqoko eziqinile, ama-ovaroli nomfaniswano wabasebenzi basendlini.
Kodwa ezweni elisempumalanga ye-Afrika i-Tanzania, izinto zisebenza ngokuhlukile.
“Hamba uyoggqoka kahle, bese uhlanganyela kanye nathi ngemuva kwesikhathi,” kusho uSomlomo wePhalamende lase-Tanzania, uJob Ndugai, etshela uCondester Sichlwe ngokugqoka amabhulukwe amubambayo.
NgoLwesibili, uSichlwe, oyilungu lePhalamende lesifazane uxoshwe ephalamende ngenxa yokugqoka amabhulukwe ngemuva kokubikwa ngelinye ilungu lePhalamende. Bobabili bangamalungu eqembu elibusayo i-CCM.
Ilungu lePhalamende lesilisa licaphune imithetho yasephalamende evumela abesifazane ukuthi bagqoke amabhulukwe kodwa laveza nokuthi izingubo akumele zikubambe kakhulu.
USomlomo uchaze imvunulo yakhe njengengasiyo efanele iphalamende.
UNdugai uthe bekungekhona okokuqala ethola isikhalazo ngezimpahla ezigqokwa yilona wesifazane ephalamende.
Uqhubeke watshela abagada igumbi ukuthi banqabele noma ngubani ogqoke ngendlela engafanele ukungena ephalamende.
Ngowezi-2018 uNdugai wamemezela ukuthi abesifazane banqatshelwe ukugqoka ama-jean, amalokwe amafushane, izinkophe zokufakelwa, izinzipho zokufakelwa kanye ne-makeup ngokweqile ephalamende.
Lesi simemezelo size ngemuva nje kokuthi iPhini likaNgqongqoshe Wezempilo, uDkt uFaustine Ndugulile enze inkulumo mayelana nenani labesifazane ababhekene nezinkinga zezempilo ezixhumene ngqo nokufakwa kwezinkophe nezinzipho zomfakelo.
Kanti kuleli, iPhalamende layeka ukunquma indlela yokugqoka yamalungu ayo ePhalamende lamemezela ukuthi amalungu kudingeka agqoke ngendlela efanele isithunzi seNdlu.