Iloli lishayise umama obephethe ingane emhlane bashonela khona lapho

Zukile Majova

Umama obephethe ingane emhlane ulahlekelwe yimpilo yakhe ngesikhathi iloli lishayisa elinye iloli likamasipala elithutha imfucuza e-Mount Frere, eMpumalanga yeKapa ngoLwesine.

Abantu abaningi abalimele kubandakanya nabashayeli bamaloli womabili, bathathwe yisithuthi seziguli bayiswa esibhedlela sendawo i-King Madzikane kaZulu.

Iloli liphelelwe ngamabhuleki ngesikhathi lingena edolobheni elincane eligcwele abantu, lashayisa izimoto ebezipake eceleni komgwaqo omkhulu.

Abahwebi bezithelo nemifino phambi kwe-butchery “i-Eat Some Meat” baphunyuke nezimpilo zabo, kodwa balahlekelwa yizimpahla zabo kwalimala nezindawo zabo zokudayisa ngenxa yeloli.

Kodwa okubuhlungu kakhulu ukubona isidumbu sikamama nengane esasibhajwe ngaphansi kwamaloli isikhathi esingaphezu kwehora ngesikhathi iziphathimandla zisebenzisa imihlathi yempilo ukunqamula umonakalo.

UNtembiso Sisulu obone iloli utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi inqola yeloli yashayisa izimoto ezinhlanu nakho konke okwakusendleleni.

“Njengoba ngikhuluma nawe, ngiyambona ngokwenqondo umama nengane yakhe belele nje lapho.

“Ubengenandawo yokubalekela njengoba iloli elikhulu lase lisondela. Abantu babememeza bebalekela izimpilo zabo.

“Amaloli amabili ashayisene, ababulalela khona lapho.”

Leli sekuyiloli lesithathu eselibulele abantu lalimaza impahla kuleli dolobha, elaziwa ngokuthi iKwaBhaca.

UMasipala Wendawo yaseMzimvubu ukhiphe isexwayiso sezimoto eseluleka abashayeli abasebenzisa u-N2 ukuthi basebenzise i-Umtata Bypass uma bengenaso isidingo sokuhamba ngase dolobheni.

Izihloko zakamuva