Kabelo Tlhabanelo
UMojalefa Magengenene ubewela umgwaqo ngesikhathi eshayiswa yiloli ebelihambisa izinkwa.
Lokhu bekukubi ngokwanele – kodwa-ke abahlali nabasebenzi bokwakha imigwaqo babuke bengakholwa ngesikhathi iloli lihamba ngemuva kwemizuzwana embalwa seliyodiliva izinkwa!
UMojalefa ushiywe opha phakathi nomgwaqo i-Fort Hare e-Mangaung, e-Free State. Ubeyolanda izicucu zomabonakude abewulungisa ekhaya lakhe emgwaqeni i-Jabavu ngesikhathi eshayiswa iloli.
Ngokusho kofakazi abazibonele, iloli lime okwesikhashana nje kodwa kwathi ngenkathi ebebelungisa umgwaqo bebiza isithuthi seziguli namaphoyisa, umshayeli ungene elolini wahamba.
UThemba Letsema uthe wezwa umshayeli ekhuluma nomakhalekhukhwini wakhe.
“Bekuzwakala sengathi ukhuluma nomphathi wakhe,” kusho uThemba etshela i-Scrolla.Africa.
“Ngemuva kwengxoxo uthe utshelwe ukuthi akaqhubeke nokudiliva izinkwa. Bengicabanga ukuthi uyadlala kodwa ube esehamba”.
Ngemuva kwemizuzu embalwa iloli selihambile, kufike amaphoyisa nesithuthi seziguli.
Abahlali banikeze amaphoyisa inombolo yokubhalisa yeloli.
Umhlali ubuze amaphoyisa ukuthi: “Ngabe lo mshayeli ucabanga ukuthi ukudiliva isinkwa kubaluleke kakhulu kunomuntu ohamba ngezinyawo olimele?”
UMojalefa, obewopha esiphongweni futhi ekhala ngentamo ebuhlungu, uphuthunyiswe esibhedlela sase-Pelonomi ukuze ayolashwa.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Thandi Mbambo usiqinisekisile lesi sigameko wathi kuvulwe icala lokushayela budedengu esiteshini samaphoyisa e-Batho.