Celani Sikhakhane
Izakhamuzi zaseSiyanda KwaMashu nase-Newlands East zikhala ngendlala nokushoda kwamanzi. Lokhu kuholele ekutheni zivule phakathi iloli lakwa-Shoprite ebelifile zatapa obekuphakathi.
Lesi sigameko senzeke ngemuva kokuthi iloli lihambe kancane laze lama phakathi kwaKwaMashu ne-Clermont ngoMsombuluko. Umshayeli ubesalinde umakhenikha emini okuyilapho abantu bebone ithuba lokuzisiza ngokudla nokunye obekuphakathi.
Okhulumela amaphoyisa kaMasipala weTheku uNsumpa Parboo Sewpersad uthe amaphoyisa abizwe ukuzohlakaza isixuku ebesithukuthele sigane unwabu.
“Amaphoyisa kaMasipala athole ucingo oluwabiza ukuthi azobhekana naleso simo yize abengenazo izinsiza ngenxa yokuthathelwa phezulu, kodwa akwazile ukuhlakaza isixuku.
“Sithole ukuthi abantu bebekhala ngendlala, bathe uma bebona iloli emgwaqeni osentabeni obizwa ngoDumisani Makhaye babona ithuba lokuzitapela, kusho uParboo.
Lesi akusona isigameko sokuqala sokuthathwa kwempahla kule ndawo ecekelwe phansi izikhukhula.
Ngesonto eledlule amalungu omphakathi aseMlazi agile izimanga esitolo esikhulu sakwa-Boxer.
Babalelwa ku-12 abantu ababoshwe amaphoyisa kwathathwa iveni ebelisetshenziswa ukulayisha impahla nezinye izinto ezisebenza ngogesi.
Lesi sigameko senzeke ngemuva kokuthi kuntshontshwe phakathi emakhontena eduze kwesikhumulo sezindiza esidala saseThekwini.
ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini unxuse osomabhizinisi ukuthi banikeze usizo kwabakhahlamezekile ngemuva kokuvakashela abanye abakhahlanyezwe izikhukhula ngempelasonto.
Usozimali onguMengameli we-Confederation of African Football (i-Caf) uPatrice Motsepe nowakwakhe uDkt Precious Moloi Motsepe banikele ngo-R30 million ukusiza abaswele.
NgoMsombuluko uMengameli we-IFP uMnu uVelenkosini Hlabisa nobuholi bakhe bavakashele izisulu ezikhahlamezekile ngenxa yezikhukhula banikela ngo-R250 000.
Lezi zikhukhula sezidlule nemiphefumulo yabantu engaphezu kuka-400 okuhlanganisa nabafundi abangu-57 kanti izingane ezinhlanu zisadukile.