Joseph Chirume
Abantu bavakashela amathuna abantu bakubo abadala ukuze bacele ukuholwa, futhi bafune induduzo, ukuthula nokuvikelwa emimoyeni emibi.
Yingakho amathuna kufanele abekwe eduze nemiphakathi ukuze abantu bakwazi ukuvakasha kalula.
Kodwa kwizakhamizi zase-Colchester, enyakatho ne-Gqebhera, lokhu akunakwenzeka njengoba indawo yamathuna yangakubo ingenasikhala.
Izakhamizi zehlukaniswa nezihlobo zazo esezashona ngemuva kokuba uMasipala wase-Nelson Mandela Bay ubayalele ukuthi bangcwabe endaweni yase-Motherwell – engamakhilomitha angama-30 ukusuka lapho abahlala khona.
U-Esther Jantjies, osanda kungcwaba umzala wakhe emathuneni ase-Motherwell, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi lolu daba lendayo yamathuna balukhulume kaningi.
“Imindeni edabukile kumele ikhokhe imali eningi ukuze ihambele amathuna ase-Motherwell ngoba owasekhaya agcwele kakhulu futhi umasipala awenzi lutho ngalokho,” esho.
Amathuna atholakala ngemuva kwezindlu futhi ahlanganyela umngcele ozungeze i-Addo National Park.
Isakhamuzi sithe abashonile bathukuthele.
Uthe: “Singathuthuka kanjani uma abangasekho bethu belele begcwele phama njengosayidinsi? Umasipala kufanele uthenge umhlaba e-Addo Elephant Park ukunweba indawo yethu yamathuna.”
Okhulumela uMasipala uMamela Ndamase uthe amathuna ase-Colchester phambilini abephethwe ngabantu abazimele. “Indawo ayigcwele ngokuphelele, kodwa isikhala samathuna siyaphela,” kusho uNdamase.
“Kwavunyelwana nezakhamizi ukuthi enye indlela, kumele basebenzise amathuna ase-Motherwell ngenkathi iDolobha lisabambe izingxoxo nabahlali nabaholi bomphakathi ukuthola omunye umhlaba.”