Ilineni elingcolile liholele ekutheni kuhoxiswe ukuhlinzwa kwabantu abangamakhulu ezibhedlela zaseGoli

Arthur Greene

Kudingeke ukuthi kumiswe ukuhlinzwa kwabantu abangamakhulu ngemuva kokuthi izibhedlela zikahulumeni eziyisishiyagalolunye eGoli zisale zingenalo ilineni elihlanzekile.

UNgqongqoshe wezeMpilo eGoli, uNomathemba Mokgethi, udalule ukushoda kwelineni ngempendulo ebhalwe phansi ngesikhathi ephendula imibuzo ebuzwe ngokhulumela ezempilo we-Democratic Alliance uJack Bloom.

UBloom uthe maningi amathuba okuthi ezinye iziguli bezilinde iminyaka eminingi ukuthi zihlinzwe ngaphambi kokuthi ukuhlinzwa kuhoxiswe, ikakhulukazi lezo ezidinga ukuhlinzwa okhalweni namadolo.

Uthe izibhedlela eziyisishiyagalolunye ezikhahlamezekile ngenxa yokushoda yilezi: i-Far East Rand Hospital, i-Leratong Hospital, i-Mamelodi, i-Sebokeng Hospital, i-Jubilee District Hospital, iChris Hani Baragwanath Academic Hospital, iCharlotte Maxeke Johannesburg Hospital, iDr George Mukhari Academic Hospital, kanye neHelen Joseph Hospital

“I-Mamelodi isona isibhedlela esithinteke kakhulu,” kusho uBloom.

“Cishe imisebenzi engama-200 kudingeke ukuthi 

ihoxiswe ngenkathi ukushoda kwelineni kuqhubeka amasonto amabili.”

UBloom uveze ukuthi kwenye indawo:

● Isibhedlela sase-Sebokeng sihoxise ukuhlinzwa amehlo kwabantu abangama-80

● Isibhedlela i-Jubilee sihoxise ukuhlinzwa kwabantu abayi-18

● IHelen Joseph Hospital ihoxise ukuhlinzwa kwabantu abayi-15

● Isibhedlela saseGeorge Mukhari sihoxise ukuhlinzwa kwabantu abayisishiyagalolunye

● Isibhedlela i-Leratong sihoxise ukuhlinzwa kwabantu abathathu

Isibhedlela iChris Hani Baragwanath Academic kanye neCharlotte Maxeke Hospital nazo zithintekile ngokushoda kwelineni, kodwa zikwazile ukugwema ukuhoxisa noma yikuphi ukuhlinzwa kweziguli.

“Iningi lokushoda kwelineni kungenxa yokuphuka kwemishini kanye nokungasebenzi kahle ezindaweni ezimbili zombuso ezihlinzeka ezibhedlela zikahulumeni – i-Dunswart Laundry e-East Rand, kanye ne-Masakhane Laundry e-Rosslyn e-Tshwane,” kusho uBloom.

Izihloko zakamuva