Ilindwe ngamehlo abomvu i-albhamu yama-piano ezokhishwa uReason

Sizwe Sibiya

UReason, owathola impumelelo okokuqala njengomculi we-hip-hop, uvuselela umsebenzi wakhe womculo ngemuva kokujoyina umculo wama-piano ngaphansi kwegama elisha elithi: Sizwe Alakine.

Ngemuva kokukhipha izingoma ezimbili ezithi, “Khanda Shisa” ehambisana no-DJ Maphorisa kanye nethi “Thel’induku” ehambisana no-Visca, uReason umemezele ukuthi usebenza nge-albhamu entsha yama-piano yalesi sikhathi samaholide enabaculi abaphambili abashisa izikhotha kuma-piano

UReason, ogama lakhe langempela nguSizwe Moeketsi Moniker, kuthiwa uphinde abe ngumbhali wengoma ka-DJ Maphorisa ethi Madumane, njengoba eke wabhalela abanye abaculi kulo mkhakha.

Ku-MacG’s Podcast and Chill, uReason akazange awaphike noma awavume amahlebezi okubhalela uMaphorisa.

Lo mculi oneminyaka engama-34 ulandela umrepha uCassper Nyovest, naye okhiphe icwecwe lamapiyano elinamathrekhi ayishumi kulo nyaka elinesihloko esithi-Sweet and Short 2.0.

Yize uReason ethe angeke alishintshe ngokuphelele igama lakhe elithi Sizwe Alakine, abanye abarepha baseMzansi bake bawashintsha amagama embonini yabo phambilini. Isibonelo, uTumi Molekane, owaguqula igama lakhe waba nguStogie T ngesikhathi egxumela igagasi elisha le-hip hop.

UZingah, owake wabizwa ngoSmashis, uphinde wabuvuselela ngempumelelo ubuciko bakhe ngemuva kokuhlakazeka kwe-CashTime Fam. Khonamanjalo, uDJ Themba washintsha igama lakhe lasesiteji waba uDJ Euphonik ngonyaka wezi-2017.

“Ungabi umuntu othanda ukugxila entweni eyodwa,” kusho uSizwe Alakine, ongazange ayiyeke ngokuphelele i-hip hop. Usanda kwabelana ngengoma entsha kankosikazi uNthabi enesihloko esithi “ Third Eye” acula kuyo enguReason.

Umthombo wevidiyo : YouTube

Izihloko zakamuva