Sizwe Sibiya
Inkabi Record ifake bonke abaculi bayo abahlanu engomeni yabo entsha eshisa izikhotha ethi-Voicemail.
“I-Voicemail ingoma yothando ekhuluma ngowesilisa okhumbula isithandwa sakhe, kodwa uma ezama ukufona uzithola esekhuluma nezwi lowesifazane omhlophe elilokhu limtshela ukuthi akashiye i-voicemail okungumnyalezo.
Le ngoma ethi-Voicemail ithatha imizuzu engu-4:39 abaculi beshintshana ngamavesi.
Leli culo lihlanganisa umnikazi wenkampani uBig Zulu, uMduduzi Ncube, uLwah Ndlunkulu, uSiya uNtuli noXowla ophinde abe umdidiyeli wezingoma eziyisishiyagalombili ezishisa izikhotha ku-YouTube. Ividiyo yomculo i-Voicemail izophuma ngoLwesihlanu ngomhlaka-15 kuNtulikazi.
Le ngoma ikhishwe ngomhlaka-24 kuNhlangulana futhi isibukwe abantu abangaphezu kuka-350,000 emasontweni amabili nje ikhishiwe.
Inkabi Records ijwayele ukukhipha izingoma ezishisa izikhotha njengoba igcine ukukhipha ingoma behlonipja umrepha ongasekho emhlabeni uRiky Rick enesihloko esithi “Lala Ngoxolo”, ngesikhathi ikhishwa ihlale endaweni yokuqala inyanga yonke ngemuva kokukhishwa ngoNhlolanja.
Ilebuli yokuqopha umculo iphinde yanconywa kakhulu ngabezindaba ngokukhipha ingoma yokudumisa esikhathini esingaphansi kwamahora angu-48 ngemuva kokuthi uRiky Rick kubikwe ukuthi udlulile emhlabeni ngomhlaka-23 kuNhlolanja.
Khonamanjalo lo mculo omusha usabhekene nomqansa emashadini omculo njengoba uMaster KG esahamba phambili ngengoma yakhe.
Ikhishwe mhla ziyisikhombisa kuNtulikazi ividiyo yomculo kaMaster KG noLowsheen ethi “Sofa Silahlane” ehambisana noNkosazana Daughter kanti isendaweni yokuqala kumashadi omculo aphezulu ku-YouTube.
Ividiyo yomculo ka-“Dali Nguwe”, kaMaster KG ehambisana noNkosazana Daughter, uBasetsana no-Obeey Amor isendaweni yesibili emashadini aqopha umlando womculo we-YouTube kanti isibukwe abantu abangaphezu kuka-12 million kusukela ngoNdasa.
Umthombo wesithombe: YouTube