Sizwe Sibiya
Abesifazane yibona abahamba phambili kwifilimu entsha ye-Black Panther, enesihloko esithi-Black Panther: Wakanda Forever.
UChadwick Boseman wayedlala indawo yomlingisi omkhulu kwifilimu yokuqala yango-2018. Wayedlala indawo kaT’Challa, inkosi yezwe lase-Afrika elibizwa nge-Wakanda.
UBoseman wayeneminyaka engu-43 kuphela ngesikhathi eshona ngo-2020 ephethwe umdlavuza wamathumbu. Wayengeke akwazi ukushintshwa – ngakho-ke i-Marvel Studios ayizange ifune uT’Challa omusha.
Esikhundleni salokho, u-Letitia Wright (28), uthatha indawo ehamba phambili kwifilimi entsha kanye nabanye abalingisi ababili eceleni kwakhe: uLupita Nyong’o kanye noDanai Gurira.
UWright owahlomula izindondo ezine zokulingisa ngendima yakhe njengoNkosazane Shuri kwifilimu yokuqala, usephenduke ubuso bomkhiqizo we-Marvel Studios ozoqala ukukhonjiswa kumabhayisikobho ngomhlaka-11 kuLwezi kulo nyaka.
UNkosazane Shuri ungudadewabo omncane kaT’Challa, uphinde abe iqhawe i-Black Panther.
“Enengqondo ehlakaniphe kakhulu emhlabeni, udadewabo kaBlack Panther, uNkosazane Shuri uphinde abe isikhulu sesayensi e-Wakanda, okuyisikhundla asithanda kakhulu kunesikhundla sakhe sasebukhosini,” kufundeka incwadi ye-Marvel Studios.
Ebuzwa i-Variety ngo-2018 ukuthi kungani ethathe indima kaNkosazane Shuri, uWright wathi: “Ekhasini, wayehlakaniphe ngempela, wayeqhele kakhulu nemibono yokuhlohlana esiyibona ngaso sonke isikhathi.
“Uthanda isayensi futhi muhle kakhulu. Engikuthande kakhulu ukuthi wayehlakaniphile futhi ehlukile; angaba ugqozi. Ezincwadini zamahlaya, uba i-Black Panther. Uyindlovukazi.”
UNkosazane Shuri kanye nabantu base-Wakanda kuzodingeka ukuthi balwe nezitha eziningi kwi-Wakanda Forever.
“Njengoba abantu base-Wakanda belwela ukwamukela isahluko esilandelayo, amaqhawe kumele ahlangane ngosizo lukaWar Dog Nakia (uLupita Nyong’o) kanye no-Everett Ross (uMartin Freeman) ukuze bakhe indlela entsha yombuso wase-Wakanda,” kusho i-Marvel studios ngesikhathi ikhipha
amazwibela ahlaba umxhwele e-Wakanda Forever ngoMsombuluko.
Umthombo wesithombe: Marvel Studios