Ilindelwe ngabomvu eyePremiership

Razeen Gutta

Wonke amehlo azobe ebheke imidlalo ye-Premier League njengoba ibuya ngoNcwaba, kodwa ngemuva kwekhefu langoLwezi leNdebe Yomhlaba ese-Qatar izophinde iqale phansi ngosuku lwesibhakela.

Umdlalo wokuqala uzodlala e-Selhurst Park mhla zinhlanu kuNcwaba njengoba i-Crystal Palace izobhekana ne-Arsenal ngosuku lokuvula.

I-Liverpool izovakashela i-Fulham ngesikhathi sesidlo sasemini ngoMgqibelo, ngalesosikhathi i-Manchester City izovikela isicoco sayo ibhekene ne-West Ham mhla ziyisikhombisa kuNcwaba.

Ngempelasonto elandelayo kukhona i-London derby ezobe ibhekwe ngabomvu njengoba amaqembu amabili kwayisithupha ahamba phambili ezobhekana okokuqala ngqa, kanti le isizini ye-Spurs ukuba itholane phezulu ne-Chelsea.

Ngemuva kwesonto amehlo azobe ebheke e-Old Trafford njengoba ama-Red Devils ezobhekana ne-Liverpool emqhudelwaneni oshubile webhola lamaNgisi. I-Anfield inethuba layo mhla zizine kuMbasa kanti imidlalo phakathi kwamaqembu amabili ngokuvamile iyona yokuqala edonsa amehlo ngaphambi kwesizini entsha.

Mhla zintathu kuMandulo i-Reds inomunye umsebenzi onzima ezandleni zawo njengohambo lukaJurgen Klopp oludlula e-Stanley Park emdlalweni we-Merseyside ibhekene ne-Everton. Umlenze wokubuya uhlelelwe umhlaka-11 kuNhlolanja.

Ngempelasonto yokuqala ngoMfumfu kuzodlalwa imidlalo yokuqala yase-North London ne-Manchester kule sizini lapho i-Arsenal ne-City izokwamukela i-Spurs kanye ne-United ngosuku okufanele kube usuku olukhumbulekayo lwe-derby. Le midlalo yomibili izophinde ihlukanise usuku okuzodlalwa ngalo umlenze ozoba phakathi noMasingana.

I-Liverpool ne-Manchester City izobhekana okokuqala ngqa kwisizini entsha ngomhlaka-15 kuMfumfu kanti umdlalo wase-Anfield uzolandelwa udaba lwase-Etihad mhla zizinye kuNdasa.

I-Liverpool izodlala ne-Spurs kanti i-Arsenal izovakashela i-Chelsea mhla zinhlanu kuLwezi ngaphambi kokuthi kuqale ikhefu lasebusika leNdebe Yomhlaba ye-Fifa e-Qatar ngomhlaka-12 kuLwezi.

Le midlalo izoqala ngosuku lwesibhakela lapho i-Arsenal izobhekana ne-West Ham, i-Aston Villa kaSteven Gerrard ibhekane ne-Liverpool kanye ne-Leicester ibhekane ne-Newcastle.

Ngobusuku bangaphambi konyaka omusha i-Wolves izokwamukela i-Manchester United e-Molineux ngaphambi kokuthi kuqale unyaka omusha lapho ompetha bevakashela i-Chelsea.

Amaviki ambalwa okugcina emidlalo kuzobhekana i-Liverpool ne-Spurs ekupheleni kukaNdasa ngenkathi i-Manchester City ibhekana ne-Chelsea.

Ngosuku lokugcina i-Arsenal izotholana phezulu ne-Wolves, i-Brentford ibhekane ne-Manchester City, i-Leeds idlala ne-Spurs, i-Fulham izovakashela i-Manchester United ngemuva kwalokho i-Southampton ibhekane ne-Liverpool phakathi kweminye imidlalo.

Umthombo wesithombe: @SportsKeeda

Izihloko zakamuva