Ilindelwe ngabomvu eye-Formula 1 kuleli

Dylan Bettencourt

Ukubuya kwe-Formula 1 kanye ne-South African Grand Prix e-Kyalami kuzomenyezelwa kuleli sonto.

Kuthiwa kwenziwe isivumelwano seminyaka emihlanu phakathi kwe-Kyalami Circuit kanye ne-Formula 1, ngokusho kwe-F1 Paddock Insider.

Ukuqinisekiswa okusemthethweni kulindeleke ukuthi kumenyezelwe ngasekupheleni kwaleli sonto, okuzoqeda iminyaka engu-30 yokulinda ukubuyiselwa kwemidlalo ye-Fomula 1 e-Afrika.

I-Formula 1 yagcina ukusingathwa kuleli ngo-1993 ngesikhathi u-Alain Prost ewinela i-Williams lo mjaho.

Amahemuhemu nemibiko yokubuyela e-Kyalami abesematheni ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kanti nesikhulu se-Formula 1 uStefano Domenicali besilokhu sivakashela le nkundla muva nje.

Kuphakanyiswe ukukhathazeka ngokufaneleka kwe-Kyalami ukusingatha umjaho we-Formula 1 njengoba ingahlangabezani nezimfuno ezishiwo i-FIA.

Njengamanje i-Kyalami ibekwe esigabeni sesibili i-FIA kanti amathrekhi e-Formula 1 adinga isigaba sokuqala ukuze kuqhutshwe lo mjaho.

Leso sinciphisajubane kuthiwa yisona ebekukhulunywa ngaso kaningi ngokuthi ubani ozokhokha imali yokuthuthukisa ithrekhi.

Yize lokhu kungakaziwa, isivumelwano sizokwenza ukuthi kuthuthukiswe i-Kyalami ukuze ilungele umjaho wangonyaka ozayo.

Ngesonto eledlule imibiko iveze ukuthi i-Kyalami ifakwe ekhalendeni lesikhashana lango-2023 futhi ibe isihloko okukhulunywa ngaso emhlanganweni wabashayeli.

Ngesikhathi benza umbukiso we-Ladbible, abashayeli ababili be-Red Bull uMax Verstappen noSergio Perez babuzwe ukuthi bangathanda ukubona umjaho we-Formula 1 udlalelwa kuphi.

UVerstappen uphendule wathi kuleli kanti uPerez uphendule wathi: “Iyeza.”

Kungaba ukushelela kolimi komshayeli wase-Mexico kodwa zonke izimpawu zikhomba ukuduma kwezimoto ze-Formula 1 okuzozwakala emagqumeni azungeze i-Kyalami.

Umthombo wesithombe: @AfricaFactsZone

Izihloko zakamuva