Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
I-Limpopo imenyezelwe njengesifundazwe esiphephile kunazo zonke eNingizimu Afrika.
Izibalo zekota yokuqala yonyaka zikhishwe ngoLwesibili, kanti zikhombisa ukwehla kobugebengu obuyingozi esifundazweni.
Esithangamini nabezindaba ngoNcwaba, uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu, uthe i-Limpopo inesibalo sokubulawa kwabantu abangu-3.3 kubantu abangu-100 000, okwenza ibe isifundazwe esiphephile kunazo zonke.
Ngo-2022-23, ubungozi bokubulawa babuphezulu kakhulu e-Eastern Cape, njengoba kubulawe abantu abangu-71 kubantu abangu-100,000.
Izifundazwe ezilandela ngemuva iKwaZulu-Natal, i-Western Cape, ne-Gauteng.
I-Limpopo iphinde yehla ngo-3.8% emacaleni okudlwengula kanye nokwehla okungu-6% emacaleni okunukubezwa.
UKhomishana wamaPhoyisa e-SAPS esifundazweni uLieutenant Thembi Hadebe ubonge ithimba lamaphoyisa, ikakhulukazi uphiko lodlame lwemindeni, ukuvikelwa kwezingane, nophiko lwamacala okunukubezwa ngokocansi, ngemizamo yabo.
“Umsebenzi wabo uholele ekutheni abasolwa bagwetshwe iminyaka engu-364 kanye nodilikajele abayisikhombisa,” kusho uHadebe.
Ubalule nokwenyuka ngo-9.8% kobugebengu okuxazululwe ngenxa yemizamo yamaphoyisa, nokunyuka ngo-28.8% kwababoshwa nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nokwenyuka ngo-4.2% kokutholwa kobugebengu obuhlobene nezidakamizwa. Amacala okunukubezwa ngokocansi ashaqwe amaphoyisa anyuke ngo-8.8%.
UNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi, uMnuz Violet Mathye, ukwamukele ukwehla ngo-6% kwamacala okunukubezwa ngokocansi kodwa wathi kubalulekile ukuthi buqedwe ngokuphelele lobu bugebengu.
Uveze ukukhathazeka ngokuthi amacala amaningi okudlwengula enzeka ezindlini zamindeni ngasese, kanti amanye angase angabikwa ngoba imindeni ivikela abenzi bokubi noma basabise abagilwa.
UMathye ukhathazekile nangesibalo sezingane ezibulewe ngalesi sikhathi, wathi kukhombisa ukuthi umphakathi waseNingizimu Afrika usunodlame kangakanani.
Osesithombeni ngenhla: UKhomishana we-SAPS esifundazweni uLieutenant Thembi Hadebe.
Umthombo: Sithunyelwe