ILimpopo ibungaze uMakhadzi ngomcimbi wesidlo sasekuseni 

Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni

Umculi waseNingizimu Afrika uMakhadzi wenzelwe isidlo sasekuseni esikhethekile nguNdunankulu wase-Limpopo, uDkt Phophi Ramathuba, e-Meropa Hotel e-Polokwane. 

Lesi sidlo sasekuseni besibungaza ukuwina komculi kwakamuva ku-Black Entertainment Television (BET) Award for Best International Act.

UMakhadzi – ogama lakhe langempela uNdivhudzannyi Ralivhona – wamukelwe ngemfudumalo yimeya yesigungu sase-Polokwane, uJohn Mpe. 

Uthe idolobha likholelwa ekuhlonipheni abantu besaphila futhi wamemezela ukuthi uMakhadzi uzoba nomcimbi wakhe eyedwa njengowesifazane ngomhlaka-21 kuZibandlela ePeter Mokaba Stadium. 

Esidlweni sasekuseni, uMakhadzi uxoxe ngendlela ayejwayele ukuhambela ngayo imicimbi engamenyiwe endaweni yangakubo ukuze adansele abantu. 

“Ngawina umakhalekhukhwini wami wokuqala engawunika ugogo ngokuba ngumdansi ovelele emcimbini wokuphromotha,” usho kanje. 

“Ngihlale ngisho ukuthi mina ngiyingane yezimanga. Uma ungakholelwa ezimangalisweni, buka impilo yami.”

UNdunankulu uRamathuba ubize uMakhadzi “ngoBrenda Fassie” wesikhathi samanje.

“Impela uzihambela wedwa njengokusho kwengoma yakho entsha eshisa izikhotha. Sizoqhubeka nokweseka ithalente njengohulumeni wase-Limpopo. Manje, umhlaba wonke usuyazi ngesifundazwe sethu ngenxa yomculo wakho,” kusho uRamathuba.

Ngemva kwesidlo sasekuseni, uMakhadzi uhambele emigwaqweni yase-Polokwane, ekhombisa indondo yakhe ye-BET kubantu bendawo.

NgoLwesibili, ngemuva kokuwina kwakhe indondo, uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko kuzwelonke (DSAC) uphendule imibuzo yokuthi kungani ungamxhasi uMakhadzi ngokwezimali. 

“I-DSAC iyakuphika ukuthi ayizange imeseke uMakhadzi ezinyangeni ezingu-14 ezedlule. UMakhadzi ubebhukhwa yi-DSAC ukuthi azocula emicimbini eminingi kazwelonke, ehola imali elinganiselwa ku-R230,000,” kusho uMnyango. 

Esithombeni ngenhla: UMakhadzi nondunankulu wase-Limpopo, uDkt Phophi Ramathuba. 

Umthombo: Ikhasi lika-Facebook likahulumeni wase-Limpopo

Izihloko zakamuva