ILimpopo ibungaze indebe yeMagesi

Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni

Iqembu lasemakhaya iMagesi FC lamukelwe njengamaqhawe ngemuva kokunqoba bebhekene neSundowns ebinamandla ukunqoba iCarling Cup.

UNdunankulu uncoma iqembu laseGa-Moletji ngokushaya izikhondlakhondla ezixhaswe ngemali.

Ompetha abasha beCarling Black Label Knockout Cup kanye nomakotin kwiBetway Premier League iMagesi FC bangamaqhawe aseLimpopo.

Imisindo yamavuvuzela nemigubho igcwale iMeropa Casino Hotel yasePolokwane ngoLwesibili ngenkathi iLimpopo yamukela amaqhawe ayo amasha, iMagesi FC.

Leli qembu lasemakhaya eGa-Moletji lenzelwe idili nguhulumeni wesifundazwe ngemuva kokushaya izikhondlakhondla zeMamelodi Sundowns ngo 2-1 kowamanqamu weCarling Black Label Cup ngoMgqibelo eBloemfontein.

IMeya yasePolokwane, uJohn Mpe, ithe ukujabulele kakhulu ukubungaza iqembu elikhuphukele kuPremier League lanqoba indebe enkulu ngonyaka ofanayo.

“IMagesi isishaye amaqembu amakhulu, ishaye i-Orlando Pirates ngo 3-2 kulo mqhudelwano, muva nje idlale ngokulingana ngo 2-2 neKaizer Chiefs kanti manje isinqoba ibhekene neqembu elikhulu kuleli,” kusho uMpe.

UNdunankulu waseLimpopo uDkt Phophi Ramathuba uthe iMagesi ithuse wonke umuntu.

“Okubalulekile kimina ukuthi iqembu laseGa-Moletji selikwazile ukushaya amaqembu anezinsizakusebenza ezinhle nabaxhasi abangcono,” usho kanje.

Uncome uSihlalo weqembu uSolomon Makhubele ngokuthuthukisa ithalente lakuleli. UMakhubele uqale kuleli qembu ngo-2011, waliqamba ngoyise.

Usihlalo ufikelwe umunyu emcimbini, wabonga nje uhulumeni, abaphathi beqembu, abalandeli nabadlali ababiza ngezingane zakhe.

Esithombeni esingenhla: IMagesi FC noNdunankulu waseLimpopo uDkt Phophi Ramathuba eMeropa.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva