Menzi Magubane
IBlack Leopards ebisaba ukwehliselwa kwizembe iqede ukungahlulwa ekhaya kweGolden Arrows ngokunqoba ngamabili kwelilodwa eSugar Ray Xulu Stadium, eThekwini, ngoLwesibili. Le mpumelelo ize ngokukhulu ukukhululeka kwiLidoda Duvha ekwazile ukusuka ezansi kwetafula le-DStv Premiership.
Njengamanje isendaweni ye-15 ngamaphuzu ayi-12 kanti iMaritzburg United yona isibhajwe ezansi.
“Lokhu kunqoba kusinikeze ukukhululeka ebesikufuna. Besikudinga kakhulu lokhu. Sizoqhubeka nokusebenza kanzima futhi sizogxila kumdlalo owodwa ngesikhathi,” kusho umqeqeshi weLeopards uLehlohonolo Seema ozoshiyela lo msebenzi kuKostadin Papic.
Abafana Bes’thende beze kulo mdlalo benethemba lokudlulela endaweni yesibili ngokunqoba. Amagoli amabili kaMohamed Anas kuzona zombili iziwombe ancishe i-Arrows lelo thuba. Umqeqeshi weqembu lasekhaya uMandla Ncikazi uthe, ngeke abeke iphutha abadlali bakhe, abebeshoda ngomdlali oyedwa ngemuva kokukhishwa kukaPule Mmodi.
“Kwesinye isikhathi ukwamukela kuwumuthi ongcono kakhulu. Kumele ngivume, sihlulwe ngegoli eliqhakazile elivele ku-Anas. Ngeke ngikwazi ukusola muntu ngalokho. Sidlale kahle yize besishoda ngomdlali oyedwa. Futhi bekuyikhadi elibomvu lobuwula elivele kumdlali wethu,” kusho uNcikazi.
UMichael Hlongwane odlala phambili unikeze i-Arrows igoli lokududuza alishaye ngesithende.
Khonamanjalo, besanda kudlala ngokulingana ngo 1-1 neKaizer Chiefs ezinsukwini ezintathu ezedlule, iSuperSport United izobhekana nomunye umdlalo wabadlali base-Soweto ngoLwesithathu ntambama. I-United izokwamukela i-Orlando Pirates eLucas Moripe Stadium e-Tshwane ngehora le-5 ntambama.
IPirates iya kulo mdlalo inomoya ophezulu ngemuva kokuhlungela ukungena kumaqoqo e-CAF Confederation Cup ngempelasonto. NgeSonto amaBhakabhaka ashaye iqembu lase-Botswana iJwaneng Galaxy ngelilodwa eqandeni yase iwina ngokulingana ngo 4-0.
AmaBhakabhaka aqhathwe ku-Group A ehlangene ne-Enyimba yase-Nigeria, i-Al Ahly Benghazi yase-Libya kanye ne-ES Setif yase-Algeria.
Omunye umdlalo wangoLwesithathu iTS Galaxy izokwamukela iBloemfontein Celtic eMbombela Stadium ngehora le-3 ntambama.
Umthombo wesithombe: @kickoffmagazine