IKwazulu-Natali izilela owayenguNdunankulu uFrank Mdlalose

Lungani Zungu

Okhulumela i-ANC uPule Mabe, ekhuluma ngomufi uDkt uFrank Mdlalose, uthe: “Abantu base-KZN bazomkhumbula njengeqhawe elalwela ukuthula.”

Amazwi enduduzo angena ngobuningi bawo ngokushona kukaMdlalose, uNdunankulu wokuqala KwaZulu-Natali.

Obeyingqalabutho ye-IFP, obeneminyaka engama-89, ushone ngoMgqibelo ngenxa yokugula okuhlobene ne-Covid-19.

UMabe uthe uMdlalose uzokhunjulwa ngemizamo yakhe engapheli ekulweleni nokuletha ukuthula phakathi kwe-IFP ne-ANC ngeminyaka yama-1980.

“I-ANC idlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe, abangani, i-IFP nakubantu base-KZN bonke,” kusho uMabe.

Ngowezi-1998, uMdlalose waqokwa njengenxusa laseNingizimu Afrika eGibhithe.

Ngemuva kokusebenzela i-IFP iminyaka engamashumi amathathu, ngowezi-2005, uMdlalose wamangaza abaningi ngesikhathi ejoyina iqembu eliphikisayo i-DA.

Umholi we-DA osanda kukhethwa e-KZN, uFrancois Rodgers uhalalisele uMdlalose njengomholi obesebenze kahle nawo wonke amaqembu ezepolitiki ngesikhathi esasenguNdunankulu.

“Ufake i-DA kwikhabhinethi yakhe yesifundazwe esikhundleni sikaSihlalo wezeMfundo. UDkt uMdlalose usisebenzele kahle isifundazwe kanye nezwe lakhe ngesikhathi esaphethe kanti ukushona kwakhe kuwukulahlekelwa okukhulu,” kusho uRodgers.

“I-DA ifisa ukululama okusheshayo kuMama Mdlalose okubikwa ukuthi usesibhedlela.”

I-IFP ithe uMdlalose, owayenguSihlalo wayo kuzwelonke, wayeyiqhawe kwezombusazwe.

Njengodokotela ngokomsebenzi, uMdlalose wathatha izintambo njengoNdunankulu ngowezi-1994 ngemuva kokuthi i-IFP inqobe isifundazwe sase-KZN, yize i-ANC yanqoba ukhetho lukazwelonke.

Imininingwane yomngcwabo isazomenyezelwa. 

Izihloko zakamuva