Dylan Bettencourt
Ngemuva kwe-Abu Dhabi Grand Prix nyakenye, uLewis Hamilton ubengenaso isiqiniseko ngekusasa lakhe emdlalweni we-Fomula 1 kwingxoxo aba nayo ngemuva komjaho.
“Senze konke okusemandleni futhi asizange silahle ithemba okuyinto efunekayo,” kusho uHamilton, eqhubeka ethu izobonana ngonyaka ozayo.”
Ikusasa lika-Hamilton kwiFomula 1 alikacaci njengoba kunophenyo lwe-Fédération Internationale de l’Automobile (FIA) mayelana ne-Abu Dhabi Grand Prix futhi lolu phenyo yilona elizocacisa ikusasa lakhe.
Umshayeli wase-British walahlekelwa umqhudelwano womhlaba esiwombeni sokugcina somjaho wesizini ye-Formula 1 ka-2021 ngendlela eshiye abaningi nemibuzo. I-Mercedes yethula yaphinde yasihoxisa isikhalo mayelana nezinqubo zemoto yezokuphepha.
Ngomhlaka-15 kuZibandlela ngonyaka odlule i-FIA yamemezela ukuthi izophenya ngalesi sigameko njengoba uphenyo lusaqhubeka. Isizini ka-2022 izoqala ngoNdasa.
Umpetha womhlaba osewine amahlandla ayisikhombisa njengamanje ulingana noMichael Schumacher emiqhudelwaneni eyisikhombisa, futhi uhlose ukumdlula ngamaphuzu ngokunqoba isicoco sakhe somhlaba sesishiyagalombili noma nje isigameko sokugcina sangoZibandlela senze uHamilton wathatha lolusuku njengosuku angasoze alukhohlwa kwezemidlalo.
“Njengoba sekusele izinsuku ezingu-69 kufike i-Grand Prix yokuqala e-Bahrain, akukacaci noma uLewis Hamilton uzobe ekhona yini,” kusho uCraig Slater we-Sky Sports.
USlater wengeze ngokuthi okutholwe uphenyo lwe-FIA kungaba ukhiye ekunqumeni ukuthi umshayeli oneminyaka engu-37 uzobuya yini ngesizini ye-Formula 1 yakulonyaka ka-2022.
“Umsebenzi usemahlombe e-FIA ukuthi ifeze isithembiso eyasenza ngaphambi kukaKhisimusi ukuze iphenye ngokwenzeka kulowo mzuzu wokugcina futhi iqhamuke nokuthile okutholakele,” kuchaza uSlater.
Uhlelo lwemijaho engu-23 luzoqala ngempelasonto yangomhlaka-18 kuyela kumhlaka-20 kuNdasa e-Bahrain.
Umthombo wesithombe: @Town&CountryMagazine