Ikusasa likaGumede libukeka limfiliba

Lungani Zungu

Yize uZandile Gumede ekulungele ukwehla esikhundleni, kodwa ikusasa lakhe kwi-ANC libukeka limfiliba.

“Uma kungacelwa ukuthi ngishiye esikhundleni, ngizosihlonipha leso sinqumo seqembu lami,” etshela i-Scrolla.Africa.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi iKomidi eliPhezulu le-ANC (NEC) liphindelela ukuthi bonke abaholi beqembu ababhekene namacala kumele behle ezikhundleni noma kungenjalo baphoqwe ukuba bamiswe esikhundleni njengoNobhala-Jikelele omisiwe u-Ace Magashule.

UGumede naye angavinjelwa ukuthi angenele isikhundla sokuba ngusihlalo we-ANC uma isifunda saseThekwini sibamba ingqungquthela yokukhetha ubuholi.

Ukushintsha kwakhe ingqondo kuza ngemuva kwamasonto edelela umgomo wokuhoxiswa eceleni.

“Ngihlale ngiyilungu le-ANC elikhuzekayo. Ngesikhathi iqembu lingicela ukuba ngishiye phansi njengelungu lePhalamende ngonyaka odlule ngakwenza lokho ngaphandle kokulwa,” kusho uGumede.

Njengoba umlingani wakhe uMagashule, osevele emisiwe esikhundleni sakhe izinyanga eziyisithupha, uGumede uzithola esenkingeni.

Abangaphakathi eqenjini batshele i-Scrolla.Africa ukuthi i-ANC eKZN bekulindeleke ukuthi itshele uGumede ukuthi akehle esikhundleni njengelungu lePhalamende.

UGumede watshelwa ukuba ashiye esikhundleni ngenxa yamacala abhekene nawo avela kuthenda yezigidi ezingama-R430 eThekwini Solid Waste (DSW) eyakhishwa ngesikhathi eseyiMeya ngowe-2017.

NgoNcwaba, uGumede wabizwa njengelungu lePhalamende ngemuva nje kokufakwa kulesi sikhundla. Kodwa-ke, wabuyiselwa emsebenzini.

UMike Mabuyakhulu, iPhini likaSihlalo we-ANC eKZN, ngokuzithandela ushiye eceleni muva nje, wazisindisa ehlazweni. Lowo owayenguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho wabekwa icala lenkohlakalo ephathelene nomcimbi wezigidi ezingama-R28 owaxhaswa nguhulumeni ngowe-2012 i-North Sea Jazz Festival engakaze yenzeke.

Okhulumela i-ANC uNhlakanipho Ntombela uthe bazophawula uma kuphela umhlangano we-NEC ngoMsombuluko.

Izihloko zakamuva