Ikusasa le-Blitzboks libukeka liqhakazile

Lucky Sithole

Selokhu kwaqala umvalelo besibungaza ukuwina kwe-Blitzboks eyawina imidlalo engu-36 ilandelana.

Kodwa futhi besizibuza ukuthi umthelela uzoba yini uma amaqembu ayengekho ebuya.

Manje siyazi.

Lokhu kuvele kwacaca ngesonto eledlule ngesikhathi iNingizimu Afrika ishayeka phansi e-Singapore ishaywa yiMelika kuqala, kwase kulandela i-Fiji yabe isigcina ngokuhlulwa emdlalweni wokulwela indawo yesihlanu ibhekene ne-Argentina.

Manje sekuphelile ngeNingizimu Afrika.

INingizimu Afrika ayilona iqembu elikhulu kunawo wonke emhlabeni kowe-sevens. Kanti manje njengoba umbuzo ungaseyona inkinga, singabheka esikhathini esizayo.

Ngesikhathi iNingizimu Afrika ihlulwa yi-Samoa kuma-quarter-final e-Vancouver ngeSonto, bekukubi kakhulu ukudlula ukuphoxeka – futhi bekulindelekile.

I-Samoa ishaye ama-try amathathu emizuzwini emihlanu yokuqala kanti umdlalo ubusuphelile. Bekujabulisa ukubona izimpawu ezizokukhuthaza ukuthi i-Blitzboks idlale kangcono ukudlula emdlalweni wayo ne-Singapore.

Kodwa uma kubhekwa okwenzekile ngemuva kwamahora amane, umdlalo wabo ne-Samoa ungase ubeyiphuzu eliphansi lonyaka waseNingizimu Afrika, kodwa mhlawumbe futhi ube yisikhathi soshintsho.

Emdlalweni wokuhlungela indawo yesihlanu, i-Blitzboks ihlule i-France. Kodwa abagcinanga ngokuyihlula, bavele babukisa ngayo ngesikhathi beshaya ama-try ayisithupha ngesikhathi i-France ishaya i-try eyodwa yokuziduduza.

Lokho kuye kwasungula umdlalo bebhekene ne-New Zealand.

Ngesikhathi amadoda agqoka ezimnyama eshaya igoli ngemuva komzuzu wokuqala bekuzoba wuphawu lokuthi abantu baseNingizimu Afrika bacime omabonakude bese beyalala, kodwa ngemuva komzuzu owodwa iNingizimu Afrika ishaye igoli kwathi uRonald Brown washaya i-conversion.

I-New Zealand ishaye amagoli amabili, manje sekuphelile, angithi? Cha!

I-Blitzboks ishaye ama-try amabili, i-try yokuwinisa iqembu ngomzuzu wokushaywa kweempempe yokugcina, okwenze iNingizimu Afrika iwine nge-conversion kaBrown.

Kubalulekile ukuqaphela ukuthi i-New Zealand iye yacwayiza kuqala ngesikhathi iqembu laseNingizimu Afrika libambelele ohlelweni lwalo, lidlala umdlalo webhola lombhoxo omuhle, futhi lawina ngokumangalisayo ngemuva kweminyaka eminingi.

INingizimu Afrika ihlule iMelika kowamanqamu we-Dubai Sevens ngoLwezi nyakenye futhi lokho kwaba kuhle kakhulu, kodwa akuqhathanisi neNingizimu Afrika eshaye i-New Zealand enamandla ngamaphuzu amabili emdlalweni wokuhlungela indawo yesihlanu e-Vancouver.

Siyazi ukuthi uNeill Powell kanye ne-Blitzboks yakhe basenobusika obude, obubandayo.

Sebenentaba eyodwa ye-helluva okumele bayiqwale endleleni eya kwiNdebe yoMhlaba ye-Sevens ngoMandulo eKapa, kodwa kungenzeka ikusasa liqale izolo e-Vancouver.

INingizimu Afrika ihlulwe i-Samoa ngo-17-28. Abashayele iNingizimu Afrika ama-try yilaba abalandelayo: uZain Davids, uSelvyn Davids, uRonald Brown, kwashaywa ne-conversion eyodwa.

Abashayele i-Samoa ama-try yilaba abalandelayo: uVaovasa Afa, uVaa u-Apelu Maliko (amabili), uFaafoi Falaniko kwashaywa i-conversion eyodwa.

INingizimu Afrika ihlule i-France ngo-36-7

Abashayele iNingizimu Afrika ama-try yilaba abalandelayo: uRonald Brown, uSiviwe Soyizwapi (amathathu), uChristie Grobbelaar, uJames Murphy kwashaywa nama-conversion amathathu.

Oshayele i-France i-try ne-conversion eyodwa: nguJordan Sepho. 

INingizimu Afrika ihlule i-New Zealand ngo-17-15. Abashayele iNingizimu Afrika ama-try yilaba abalandelayo: uSiviwe Soyizwapi, uJC Pretorius, uJames Murphy kwashaywa ne-conversion eyodwa. 

Abashayele i-New Zealand ama-try yilaba abalandelayo: u-Caleb Tangitau, uKitiona Vai, noNgarohi McGarvey-Black.

Umthombo wesithombe: @Blitzboks

Izihloko zakamuva