IKumkani yabaThembu ibasabisa ngokubabulala abahlukumeza umphakathi wayo

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Ikumkani yabaThembu uBuyelekhaya Dalindyebo usekubeke kwacaca ukuthi laba abahlukumeza umphakathi ubaqola izimali abazukubancenga kodwa bazobathela othulini uma kumele bababulale.

Ikusho lokhu engxoxweni ekhethekile ebinayo nesiteshi sikamabonakude iNewsroom Afrika ngoLwesine ekuseni.

Engxoxweni yangoLwesine ekuseni esigodlweni sayo eMthatha neNewzroom Afrika, iKumkane ikubeke kwacaca ukuthi abantu baso sebanele ngokuxhashazwa futhi sebekulungele ukuzivikela.

“Uma beqhubeka nokubulala abantu bakithi sizozilwela, uma behlukumeza abantu bakithi nathi sizobahlukumeza ngoba nathi singakwenza lokho kumele bayeke ukuhlukumeza nokubulala ngenxa yobugebengu babo,” kusho iSilo. 

“Sifuna kuphele lokhu manje ngoba isikhathi sabo sesiphelile.”

Intukuthelo yeKumkane ivuswe ngu-Akhumzi Mareke othi uyinkosi yaseMthatha West. 

UMareke, osolwa ngokuhola izigebengu endaweni, ube nomhlangano womphakathi ngoLwesibili lapho eqoqa khona imali yokumangalela iKumkani uDalindyebo. 

UMareke usola Ikumkani ngokumhlambalaza yaphinde yalimaza isithunzi sakhe ngokumbiza ngeqola.

UMareke uziphikile izinsolo zokuqola imali, yize kuthiwa ziholele ekutheni kuvalwe izikole namabhizinisi athile eMthatha. 

Ugcizelela ukuthi, njengomholi okhethiwe, uzoqhubeka nokubusa ‘kuze kubuye uJesu”.

Esithombeni esingenhla: IKumkani uBuyelekhaya Dalindyebo uthi umphakathi wesizwe sakhe usumi ngomumo ukumelana namaqola.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva