Ikhwelo likaRamaphosa lobumbano kubantu bakuleli 

UMengameli uCyril Ramaphosa wethule inkulumo evusa amadlingozi ngoLwesine ngesikhathi isizwe sigubha uSuku lweNkululeko enxusa abantu bakuleli ukuthi bahlangane bakhe izwe abazoziqhenya ngalo.

UMengameli ukhulume emgubhweni woSuku lweNkululeko e-Klerksdorp futhi uye wamemezela ukuthi izwe libungaze ukuzalwa kwesizwe esisha ngokubambisana.

URamaphosa uvumile ukuthi zikhona izingqinamba kanye nezinselelo izwe elibhekene nazo kodwa wathi lezi zinto zinganqotshwa uma abantu bakuleli behlangana njengomndeni.

“Yebo kukhona ukuxabana, ukungaboni ngaso linye kodwa lokho kukhona kuzo zonke izindawo futhi kunezimpi esiba nazo. Kodwa noma izikhathi zizimbi umndeni uyadonsana, umndeni uma ndawonye,” esho.

URamaphosa uphinde wanxusa abantu bakuleli ukuthi basukume balwe nenkohlakalo nokwebiwa kwezinsiza zombuso.

“Masisukumeni simelane nakho konke okungawuthuthukisi lo mndeni kanye nokuziphatha kwalabo abafuna ukudicilela phansi lo mndeni wakuleli. Masisukumeni simelane nalabo abangafuni ukukhokhela izidingongqangi nalabo ababalekela umthetho ngokukhokha izifumbathiso.”

UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uZizi Kodwa uveze ukuthi izwe selihambe ibanga elingakanani.

“Iningi labantu bakuleli alizange libambe iqhaza ngoba lalingenawo uhulumeni. Kuwe Mengameli njengommeleli kahulumeni okhethwe ngentando yeningi uthwele amathemba ezigidi zabantu bakuleli abangakaze babe nohulumeni ngaphambilini,” esho.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: UMengameli uCyril Ramaphosa 

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva