Everson Luhanga
Isihlabani se-kwaito esigwetshiwe uBrickz akayena umuntu ongaziwa endimeni yomculo.
Ejele, lapho adonsa khona iminyaka eyi-15 ngecala lokudlwengula, ujoyine ezinye izigebengu ezikhiqizela abantu umculo omnandi.
UBrickz – ogama lakhe langempela uSipho Charles Ndlovu – ugwetshwe iminyaka eyi-15 ebhadla ejele ngemuva kokutholakala enecala lokudlwengula isihlobo esineminyaka eyi-17 ngowezi-2013.
Ngokubambisana noGodfrey Pappas Molefe, laba bobabili bangabaculi abahamba phambili be-Felio Choir e-Leeuwkop Prison Medium C.
Begqoke umfaniswano wabo wekhwaya, ngokungafani nezinye iziboshwa ebezigqoke ama-ovaloli awolintshi, le khwaya ijabulise abantu e-Alexandra, eGoli ngoLwesine.
UNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuhlunyeleliswa Kwezimilo, uRonald Lamola ubeze ukuzonikezela ngemiklamo eyenziwe ngabenzi bokubi elokishini esikoleni samabanga aphansi i-Skeen.
Ekhuluma nethimba le-Scrolla.Africa, umholi wekhwaya uGodfrey Pappas Molefe uthe le khwaya yaqala ngonyaka wezi-1997.
UPappas uthe ikhwaya ijwayele ukuzilolonga amahlandla amane ngesonto ezitokisini zabo ngokusekwa yizikhulu ezikulesi sikhungo.
Ngaphambi kokuba ajoyine ikhwaya, uPappas wayenendaba axoxa ngayo. “Ngangiyingxenye yeqembu lezigelekeqe elalisejele elalibizwa nge-The 28.
“Kwakungelinye lamaqembu asatshwa kakhulu aseke akhiwa ngaphakathi ejele futhi ngangiyisibani seqembu lapho wonke amanye amalungu ayebheka konke kimi,” esho.
UPappas oneminyaka engama-47 uboshwe iminyaka engama-23 ebhadla ejele. “Angikaze ngibe ngaphandle selokhu ngaba neminyaka engama-24 ngesikhathi ngiboshwa ngigwetshwa kamuva.
“Ngigwetshelwe amacala amaningana engiwenzile ahlanganisa ukudlwengula siyiqembu lezigelekeqe, ukubamba inkunzi ezindlini nokuduna izimoto. Iningi lentsha efana nami belisejele,” esho.
Uthe nasejele, impilo yakhe enezinkinga ayizange iphele. “Ngangihlupha futhi ngizihlanganisa nabantu abangalungile.”
Kodwa-ke, uPappas uthe uguqukile ezindleleni zakhe waphendukela kuNkulunkulu. “Ngithole uNkulunkulu ngaphakathi ejele futhi ngikhonza uNkulunkulu.”
Uthe ikhwaya ayigxili ohlotsheni oluthile lomculo. “Sicula noma yiluphi uhlobo lomculo. Ukusuka kwi-gospel ukushaya izandla nokuthinta i-Kwaito kanjalo ne-hip hop.”
UPappas odabuka e-Orlando West e-Soweto uthe uma kufika isikhathi sokuthi aphume ejele, uzoqhubeka nokujabulisa abantu ngethalente lomculo alifunde ejele.
Le ndoda ebigqoke kahle isudi nothayi ixwayise abanye abantu ngokuthi ijele akuyona indawo elungile. “Dlalelani kude nabangani abangalungile futhi dedani ezenzweni zobugebengu,” esho.