Ikhwaya ikhiqiza ezishisa uzikhotha ze-Afrobeats

Lubhalwe nguMpho Nakana

Kungase kungabonakali kukuningi kodwa ukugibela i-Uber kunamandla okudala umlingo.

Ku-Austin Chinemezu Nwamara wase-Nigeria kuholele ekusungulweni kwekhwaya ecula kamnandi kakhulu ongake uyizwe.

Ilungu lekwaya i-Kabusa Oriental likhulume ne-Scrolla.Africa.

Ngesikhathi egibele i-Uber, “wabuza umngani wakhe ukuthi ucabanga ukuthi ingoma ethi Baba ingazwakala kanjani uma ikhwaya yesonto lamaKhatholika ilicula,” kusho ilungu lekhwaya.

“Ube eseqala ukuyicula ngesikhathi behleka bonke kanye nomshayeli we-Uber. Umngani wakhe uye wamkhuthaza ukuthi athole isitudiyo ngokushesha futhi aqophe ingoma ngoba izoshisa izikhotha.”

U-Austin wathola isitudiyo futhi waqopha inhlanganisela yamakhwaya yezingoma i-Yeba neBaba ezomculi ophinde abe umbhali wezingoma uKizz Daniel.

Ngokushesha le nhlanganisela yasakazeka eziteshini eziningi zakumabonakude nasezinkundleni zokuxhumana, kwathi ngo-2019 kwazalwa ikwaya i-Kabusa Oriental.

Ikhwaya ishintsha izingoma ze-Afrobeat ezidumile zibe amakhava aklanywe kahle futhi amanye aze enziwe ngendlela yamahlaya.

Sebehlanganise izingoma eziningi okubalwa kuzo eka-Omah Lay ethi Soso nethi-Soweto eziculwa uVictory.

Baphinde bashintsha ingoma eshisa izikhotha kamdidiyeli wezingoma wakuleli uMaster KG ethi Jerusalema.

U-Austin ongumqondisi wekwaya nguyena ophethe ekuguquleni izingoma zibe izingoma zobuciko zamakhwaya.

Nyakenye bawina indondo ye-Best Music Comedy ku-Nigeria’s Humor Awards.

“Lo mklomelo usimangazile ngoba besingalindele ukuthi sizowuwina,” kusho ilungu lekhwaya eliziqhenyayo.

“Lokhu bekusho ukuthi abantu bebebona umsebenzi wethu ngokwanele ukuthi basivotele ukuthi siwine futhi lokhu kusigqugquzele ukuthi senze okuningi futhi sibe ngaphezulu.”

Leli qembu lomculo libambisene namaciko omculo afana noKizz Daniel, uTeni kanye neBNXN eyayaziwa ngokuthi i-Buju futhi banesifiso sokusebenzisana nabanye abaculi bamazwe ngamazwe esikhathini esizayo.

Esithombeni esingenhla: Iqembu lomculo i-Kabusa Oriental.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva