Dylan Bettencourt
Ngesikhathi i-Metro FM ikhuluma nomsakazi uTbo Touch ukuthi abuye kulo msakazo ngemuva kweminyaka emihlanu esebenza kuwo kuthiwa wacela ukukhokhelwa imali engu-R1 million ngenyanga.
Abakwa-SABC abazange bamnike u-R1 million ngenyanga, kodwa bamnika cishe ingxenye yaleyo abeyifuna. Uma kutholakala ukuthi lo msakazo owenza inzuzo awunamali, lokho kushiye abantu abaningi bebambe ongezansi.
UTouch washiya i-Metro FM ngemuva kokunqaba ukufunda isikhangiso sakwa-Hyundai, lokho okwadla lo msakazo imali elinganiselwa ku-R16 million.
Imibiko iveza ukuthi uTouch wathintwa ngabakwa-SABC ngasekuqaleni konyaka odlule ukuthi abuyele kulo msakazo kodwa izimfuno zakhe zeholo zaba yihaba.
“Ekuqaleni uTouch wafuna iholo lika-R1-million ngenyanga, kodwa umphathi wakwa-SABC uMadoda Mxakwe wamtshela ukuthi angeke nje bakwazi ukumkhokhela leyo mali,” kusho umthombo ongathandanga ukudalulwa igama.
“Babe sebemkhokhela u-R480,000 ngenyanga”.
Isinyathelo sokubuyisela uTouch siqhamuke njengoba i-Metro FM iqhubeka nokwehlelwa uzibalo zabalaleli, ngethemba futhi lokubuyisa ibhizinisi lezikhangiso.
Abakwa-SABC bagcine befinyelele esivumelwaneni noTouch ngemuva kwezingxoxo ezidonse unyaka wonke. Isivumelwano okuvunyelwene ngaso sizokwenza lo DJ ahole imali engu-R5.7 million ngonyaka.
Lo DJ odumile uzobuya ohlelweni lwantambama oluqala ngehora lesithathu kuya kwelesithupha alwenza lwaduma ngezingxoxo zakhe azenza kulolu hlelo noFloyd Mayweather kanye no-50 Cent.
Njengengxenye yesivumelwano, uTouch ucele isibonelelo semoto sika-R30 000 ngokuqonda ukuthi ingxenye yomsebenzi wakhe kuzoba ukufunela lo msakazo abakhangisi abasha.
Yize abakwa-SABC bengazange bakuqinisekise ukuthi uTouch usebuyile emsakazweni bathe bazodalula uhlu olusha lwe-Metro maduze.
Umthombo wesithombe: @IAmTboTouch