Dylan Bettencourt
I-Ukrainian Premier League isizoqala kabusha kodwa abadlali bakhathazekile ngokuthi ukusongelwa i-Russia kungase kuphinde kuphazamise iligi.
“Inhliziyo yami ibuhlungu uma ngicabanga nge-Kharkiv. Imcibisholo ishaya indawo yethu yokuzilolonga. Akukho lutho olusele lapho esidlale khona,” kusho unozinti we-Metalist 1925 Kharkiv uDenys Sydorenko, ngokusho kwe-BBC Sport.
Ezinsukwini ezimbili ngaphambi kokuthi i-Russia ihlasele i-Ukraine, ibhola lendawo labamba ikhefu lasebusika kanti manje ezinyangeni eziyisithupha kamuva balungiselela ukuqhubeka futhi.
Ibhola lasekhaya kulindeleke ukuthi libuye esikhathini esingangesonto nakuba impi iqhubeka.
“Kuwuphawu emhlabeni wonke ukuthi i-Ukraine inganqoba futhi izowina. Kuwuphawu nasemphakathini ukuthi siyazethemba.” kusho abebhola e-Ukraine.
Amaqembu amaningana e-Ukraine kudingeke ukuthi athuthe ngenxa yomonakalo odalwe amasosha ase-Russia ezindaweni zawo.
U-Oleksandr Drambayev ubebolekiswe kwi-Mariupol FC njengoba idolobha licishe lonakala ngemuva kwezinyanga ezintathu zokuhlaselwa okungapheli okuvela e-Russia okumanje elawula indawo.
“Kuyisenzo esinesibindi ukuqala kabusha ibhola e-Ukraine. Ngijabule ngakho, kodwa ngikhathazeke kakhulu,” kusho umdlali wasemuva.
Idolobha lase-Metalist 1925 e-Kharkiv lacekelwa phansi kakhulu uma liqhathaniswa ne-Kharkiv kanye ne-Chernobyl.
“Ngesikhathi abadlali behlangana sakhuluma ngokuthi wonke umuntu wayekuphi ngesikhathi impi iqala nokuthi benzani manje,” kusho unozinti uSydorenko.
“Manje sisebenza kanzima ekuzilolongeni. Sifuna ukujabulisa abalandeli bethu futhi sinqobe yonke imidlalo.”
Umdlali oneminyaka engu-33 ubudala wabalekela entshonalanga ye-Ukraine nentombi yakhe bashada ngemuva nje kokuhlaselwa.
UMengameli wenhlangano yebhola e-Ukraine uPavelko uthe okwamanje ababukeli abavunyelwe ukuya emidlalweni njengendlela yokuphepha.
Izinkundla ezigunyaziwe kuzofakwa ezokuphepha nezindawo zokukhosela amabhomu.
“Kuhle ukuthi wonke amaligi azodlala. Lokhu kuzovusa wonke umuntu,” kusho uMengameli.
Umthombo wesithombe: @Newsweek