Ikhungethwe izinkinga iGallants

Menzi Magubane

IMarumo Gallants kumele ilungise izinkinga zayo ngaphambi kokuthi ziqale ukuthikameza abadlali.

NgoMsombuluko umqeqeshi wabo wase-France uRomain Folz ushiye iqembu ebalula ukugxambukela kwabaphathi emsebenzini wakhe.

UFolz ongumqeqeshi wokuqala ukwehlukana neqembu le-PSL kule sizini, uthe ubesetsheliwe ukuthi yibaphi abadlali abayishumi nanye okumele abaqoke.

“Ngiye ngaphoqeleka ukuthi ngifake abadlali ababephakanyiswe ngabaphathi kodwa nganqaba ngoba lokho kuphambana nokushiwo inkontileka yami. Bangitshele ukuthi ngizobhekana nenkinga uma ngingafuni ukuhlonipha isinqumo sabo sokushintsha abadlali,” kusho uFolz ngemuva kokusula kwakhe.

Inkulumo yalo mqeqeshi wase-France ifana nekaDan Malesela obengumqeqeshi osule esikhundleni sakhe ngesizini edlule. Abaqeqeshi ababili ngeke basho into efanayo. Kwenzakalani ngabaphathi baleli qembu?

Usomaqhinga waleli qembu uHarris Choeu, owayengumdlali weBafana Bafana neMamelodi Sundowns ucashunwe ekhuluma kabi ngalo mqeqeshi wase-France.

“Angifuni ukuzwakala ngenye indlela kodwa kunenkinga ngabantu abaqhamuka phesheya kwezilwandle. Abasihloniphi,” kusho uChoeu etshela i-FarPost.

Kodwa ngoLwesibili abaphathi beqembu bakhiphe isitatimende esikhombisa ukuthi abahambisani nemibono kaChoeu.

“IMarumo Gallants FC iyaziqhelelanisa nesitatimende esikhishwe uChoeu kulandela okwenzekayo ngomqeqeshi weqembu uRomain Folz,” kusho isitatimende.

USihlalo weqembu u-Abram Sello uthe izingxoxo zangaphakathi ziyaqhubeka nokunikeza isiqinisekiso kubalingani beqembu kanye nakubalandeli. Uqhube wathi udaba luzoxazululwa ngendlela ezosiza iqembu.

UChoeu ucashunwe ethi uFolz ubemfuna ephumile ngosuku lokuqala. Uphinde wathi abakhulumisani ngokusho kwe-Soccer Laduma.

Noma ngabe kwenzekalani ngasese kwiGallants, uSello kumele alungise le nkinga ngokushesha. NgeSonto iqembu lakhe lizokwamukela iKaizer Chiefs enkundleni yezemidlalo iRoyal Bafokeng, e-Rustenburg. Iqembu lisazomthola ozovala isikhala sikaFolz ngaphambi kokuthi iqembu libhekane neKaizer Chiefs.

Umthombo wesithombe: @TheCitizen

Izihloko zakamuva