Ikhonsathi yokukhumbula iciko lezomculo

Sizwe Sibiya

Sekuphele iminyaka emithathu kwashona iciko lezomculo uJohnny Clegg eneminyaka engu-66.

Ukukhumbula ukushona kwakhe, kule mpelasonto imisakazo i-94.7 kanye ne-702 izobe ihlonipha le ngqalabutho engasekho ngekhonsathi yomculo ezobe ibukhoma.

Lo mcimbi oqanjwe ngeJohnny Clegg Tribute Concert, kulindeleke ukuthi ube nohlu olude lwezihlabani ezidumile embonini yezomculo.

Umngani wakhe uSipho Mchunu, i-Soweto Gospel Choir, uSipho Hotstix Mabuse, uBright Blue kanye neqembu likaJohnny Clegg bazobe bephakathi kwabaculi abazobe bejabulisa izinkumbi zabantu e-Emmarentia Botanical Gardens eGoli ngeSonto ngomhlaka-17 kuNtulikazi.

Isikhulu se-Primedia Broadcasting uRandall Abrahams uthe uClegg ufanelwe ukuhlonishwa okukhethekile ngokuhlanganisa izinhlanga ezahlukene ngomculo wakhe.

“Emphakathini wethu ngobubanzi bawo – uJohnny ukwazile ukwakha ubudlelwano nokukhuthaza ubumbano emphakathini ngendlela engakaze yenziwe ngomunye umculi. Ifa lakhe kumele libungazwe futhi iphupho lakhe liqhubeke nokuphila,” kusho u-Abrahams esitatimendeni.

Indodana kaJohnny Clegg, uJesse Clegg, ongumculi nomqambi wezingoma obuye adlale izinsimbi eziningi zomculo, uzocula kanye nezihlabani zomculo waseMzansi.

Kodwa okuzogqama kakhulu kule khonsathi kuzoba umdanso wabadansi base-Zululand nabasemahostela endawo.

Njengoba amathikithi ebiza u-R475 umuntu omdala amanye ebiza u-R1,600 kwabazohlala endaweni yezicukuthwane, imali ezoqoqwa kulo mcimbi izonikelwa kwinhlangano esiza abantulayo i-The Friends of Johnny Clegg, eyasungulwa noJohnny ngoZibandlela ngo-2018.

Umthombo wesithombe: Instagram

Izihloko zakamuva