Ikhomishini yobuqotho ye-ANC isalinde uMkhize

Lungani Zungu

UGeorge Mashamba, ongusihlalo wekhomishini yobuqotho ye-ANC utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bazoxhumana noNgqongqoshe babone indlela eya phambili.

“Kuzofanele avele phambi kwekhomishini ukuze abeke uhlangothi lwakhe,” kusho uMashamba.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi ikusasa likaDkt Zweli Mkhize, njengoNgqongqoshe Wezempilo lilenga ngentambo, ngesonto eledlule uzibe iKhomishini yoBumbano. 

UMashamba akazange aphawule kabanzi, watshela i-Scrolla.Africa ukuthi ixhumane nobuholi beqembu.

UMkhize ulwela ukuvusa impilo yakhe entekenteke kwezepolitiki njengoba kunezinsolo zokuthi wahlomula ngenkontileka yezigidi ezi-R150 ye-Digital Vibes.

Wafakwa ekhefini eliyisipesheli nguMengameli uCyril Ramaphosa esontweni eledlule.

Kubukeka sengathi uMkhize uthola ukwesekwa kancane kancane ngemuva kokuthi amanye amagatsha e-KZN, ake awahola njengoNdunankulu nosihlalo we-ANC, asabise uRamaphosa ngokuthi azame nje amxoshe.

UMkhize uthathe isikhundla sokuba ngumgcinimafa-jikelele we-ANC kusuka ngonyaka wezi-2012 kuya kowezi-2017 ngesikhathi sikaJacob Zuma.

Ngowezi-2017, uMkhize waphonsa isigqoko sakhe eringini lesikhundla sokuba ngumengameli we-ANC kodwa ngokuhamba kwesikhathi wahoxa.

Kulindeleke ukuthi aphinde abambe isikhundla esifanayo ngesikhathi iqembu elibusayo liba nengqungquthela yalo yokukhetha ubuholi ngoZibandlela ngowezi-2022.

UMkhize unqabile ukuphawula.

Okhulumela i-ANC uPule Mabe uthe wonke amalungu kulindeleke ukuthi ahloniphe zonke izinhlaka zeqembu kubalwa nekhomishini yobuqotho ye-ANC.

URamaphosa uthe ulinde uphiko oluphenya amacala ayisipesheli ngaphambi kokuthatha isinqumo ngoMkhize.

Umhlaziyi wezepolitiki, uMnuz Thabani Khumalo, uthe uMkhize ukwazile ukuzitholela abazomeseka phambilini.

“Namanje uzokwenza okufanayo, njengoba elwa nokusindisa umsebenzi wakhe wezepolitiki,” kusho uKhumalo.

Izihloko zakamuva