Celani Sikhakhane
Sekuphele iminyaka emithathu, imiphakathi yaseMsinga, eNquthu, eMvoti nakwezinye izindawo zase-KZN zichitha amasonto, kwesinye isikhathi ngisho nezinyanga, zingenawo amanzi.
Manje iKhomishini Yamalungelo Abantu isingenelele yaphoqa umasipala ukuthi ulungise izenzo zawo.
Umphakathi wasemakhaya waseMzinyathi, e-KZN usamukele isimemezelo seMeya yesiFunda uMfundisi uPetros ngohlelo lwamanzi lwemali eyizigidi ezingama-R26. Kodwa bathi sekuthathe isikhathi eside kakhulu!
Ngesikhathi sokushoda kwamanzi, kwafakwa izinyathelo zesikhashana ngumasipala esebenzisa amathangi amanzi. Kodwa nakho lokhu kwehlulekile ngesikhathi kuthiwa abashayeli babandakanyeka ekwebeni udizili.
Ezinye izikole kwafaneleka ukuba zivalwe ngoba zingenawo amanzi ngenkathi eminye imiphakathi iphoqeleka ukuthi yabelane ngamanzi angcolile nemfuyo yayo.
UMasipala wesiFunda wasemaphandleni uMzinyathi wabe usuyiswa kwiKhomishini Yamalungelo Abantu yi-UDM.
IKhomishini iphoqe umasipala ukuthi uhlinzeke ngohlelo lokusebenza lwesikhathi eside lokuphakelwa kwamanzi, ngemuva kwalokho uMfundisi uNgubane wamemezela izinyathelo zokuhambisana nemiyalelo yeKhomishini.
Njengengxenye yohlelo, umasipala uqoke usonkontileka ozofaka ingqalasizinda entsha njengamabhora. Kwezinye izindawo, bazofaka amathangi amanzi nompompi ukuze bonke abantu bathole amanzi.
“Izindawo eziningi, ezifana noMsinga, eKunene Farm, e-Rugfontain, zizoba nengqalasizinda efanelekile yamanzi ezoqeda ukusetshenziswa kwamanzi angcolile avela emadamini endawo. Siyaluqonda usizi lwabantu bakithi basemakhaya abasebenzisa amanzi ahloselwe imfuyo,” kusho uNgubane.
UMnu uBoyse Gumede we-UDM uthe kusekhona izigceme zaseMsinga ezingenazo izingqalasizinda ezifanele zamanzi.
ENquthu i-Gift of the Givers ingenelele ngokumba imigodi yamanzi emincane yemiphakathi.