Ikhempu yabagilwa bomlilo izofakwa amandla elanga abiza izigidi 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Indawo eyaziwa ngeleShalazile Camp e-Denver, eyasungulwa ngoMfumfu njengendawo yokukhosela okwesikhashana abantu abagilwa umlilo eMarshalltown, manje isinohlelo lukagesi welanga obiza izigidi zamarandi. 

Yize ikhempu ishoda ngendawo echitha amanzi kanye nokuba kwayo sengozini yezikhukhula, iDolobha laseGoli linikeze amandla elanga anele ukuvimbela ukucishwa kukagesi.  

Isakhamuzi uThemba Mdlalose ujabule ngalolu hlelo oluqinisekisa amandla kagesi, kodwa ubona sengathi le mali ibingasetshenziselwa ukwakha izindlu ezibiza kancane. 

“Lolu hlelo luyabiza. Bheka wonke lama-solar panel abiza kakhulu. Ngikholelwa ukuthi iningi lethu belingahlaliswa ezindlini ezifanele ezibiza kangcono,” kusho uMdlalose. 

UMdlalose uphinde abone sengathi ukufakwa kwamandla elanga kusho ukuthi bazohlala ekhempini ingunaphakade. 

“Ukube besizophuma lapha, idolobha belingeke litshale imali engaka. Kumele samukele ukuthi leli yikhaya lethu futhi sizohlala lapha.”

Ukhathazekile nangokushoda kwezikole endaweni yezimboni e-Denver. Iningi lezingane ekhempini aziyi esikoleni.

Ngemuva komlilo oqubuke e-Marshalltown, izakhamuzi zithuthelwe ehholo elise-Bezuidenhout Valley ngaphambi kokuthi zithuthelwe ekhempini yase-Shalazile, eqanjwe ngenkosi yendawo.

Le khempi yakhiwe endaweni eyathengwa uMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseGoli ngo-2019 ngo-R45-million, eyayihloswe ukuba ibe yindawo egcina izimoto eziboshiwe. Kodwa lolu hlelo lwayekwa ngenxa yezinga eliphezulu lobugebengu endaweni.

Usomabhizinisi wesifazane ongathandanga ukudalulwa igama, unavalo lokuthi kungenzeka lolu hlelo lwamandla elanga lucekelwe phansi. 

“Akuyona indawo ephephile yokwenza uhlelo olubiza kangaka. Izizathu ezenze i-JMPD yashiya indawo ngenxa yobugebengu bekumele zicutshungulwe ngaphambi kokuletha lolu hlelo,” esho.

Esithombeni ngenhla: Ama-solar panel ekhempini yase-Shalazile e-Denver.

Umthombo: Everson Luhanga

Izihloko zakamuva