Ikhava yephephabhuku kaMegan Thee Stallion idale impikiswano ezinkundleni zokuxhumana

Sizwe Sibiya

Ikhava yakamuva yephephabhuku le-Harper’s Bazaar efake isithombe somrepha waseMelika uMegan Thee Stallion, isuse impikiswano eshubile ezinkundleni zokuxhumana yokuthi abesifazane abamnyama bathwetshulwa kanjani izithombe ngabathwebuli bamanje.

Izithombe ezimbili zekhava zikaMeghan oneminyaka engama-26, zithole ukugxekwa ezinkundleni zokuxhumana ngabantu begxeka ‘ukukhanya okungabazekayo’ kanye nokuthi “indlela abamveze ngayo ayikhombisanga umrepha esimaziyo”, kubhala i-LA Times.

Abahlaziyi abaningi ezinkundleni zokuxhumana bathi sekuyiphethini yamaphephabhukhu emfashini okuthi ehluleke ukumela kahle abesifazane abamnyama ezithombeni zabo.

“Umthwebuli wezithombe akakwazanga ngisho nokuthwebula isikhumba somzimba sikaMegan ngendlela efanele.. kunoma yisiphi isithombe,” kuphawula omunye ku-Instagram ngaphansi kwekhava yokuqala eveza uMegan egqoke i-cape emnyama yakwanokusho ye-Chanel, isikibha, impahla yangaphansi, ibhande kanye namacici e-Bulgaria.

Omunye ubhale wathi “Kuyacaca ukuthi nidinga umqondisi omnyama onobuciko.”

Abanye baphikise laba bagxeki bathi benza ihaba, futhi uma kukhona ongakufunda kule mpikiswano, ukuthi cishe wonke umuntu njengamanje uyakwazi okuthile okumayelana nezithombe.

Umthwebuli wezithombe zekhava, uCollier Schorr uthe, uMegan Thee Stallion ubebambisene naye ezithombeni.

“Bekuyisipiliyoni esihle kakhulu ukuthwebula izithombe zikaMegan Thee Stallion,” kubhala uSchorr othi, “waxoxa nami mayelana nesithombe ngasinye sase siyazihlela ngemuva kwalokho… ngokusebenzisana okuphelele ukuthwebula izithombe zakhe ezintsha ngalesi sikhathi empilweni yakhe.” 

I-photo shoot ibihlotshiswe nguSamira Nasr, umhleli wokuqala omnyama ophethe kule phephabhuku.

Umthombo Wezithombe: I-Instagram / Harper’s Bazaar

Izihloko zakamuva