Moyahabo Mabeba
Inhlangano i-Azanian People’s Organisation (i-Azapo) kumasipala i-Makhuduthamaga e-Sekhukhune, e-Limpopo ayikwazanga ukulinda izinsuku ezimbalwa ukuthi kuphothulwe ukhetho lohulumeni basekhaya ngaphambi kokuthi ivale isikhala sekhansela labo le-PR.
I-Azapo ithe ifake omunye umuntu esikhundleni sikaJoseph Thokoane obeyikhansela le-PR kusukela ngowezi-2016 ngenxa yokungalaleli.
Ikhansela elisha, uJulia Matjeding, ufungiswe ngoLwesithathu yimantshi uSebotse Mashabela ukuthi abe ikhansela kusigceme sama-25 izinsuku ezinhlanu nje kuphela.
Umholi we-Azapo esifundazweni, uNgoako Moyaha uthe isinqumo sokuhoxiswa kukaThokoane kumele ngabe kade senzeka ngoba ubengasawenzi umsebenzi weqembu.
UMoyaha uthe, “Ikhansela lethu langaphambilini liqale ukwenza izinto ngokuthanda kwalo. Ubengasazisi ngokwenzeka emkhandlwini futhi lokho akwehli kahle kithina,” kusho uMoyaha.
Uthe bathatha isinqumo sokumyekisa emsebenzini ngoZibandlela ngowezi-19 baqala nezinhlelo zokumshintsha, kodwa umasipala awuzange ubathathele phezulu. Badlulisele udaba eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana, ezeZindlu neziNdaba zoMdabu esifundazweni, kodwa akuzange kwenzeke lutho kuze kwaba kuleli sonto kungazelele muntu.
UMatjeding uthe ukugcotshwa kwakhe kube yize. Usole umasipala ngokubambezela ukugcotshwa kwakhe, obekumele kwenzeke ngoZibandlela ngowezi-2019.
“Lokhu kugcotshwa akuyona into yokujatshulelwa. Kusobala ukuthi kuwubuqili nje,” esho.
Uthe bekufanele ngabe kade aqala ukusebenza ngoba bekuzomnika ithuba lokuthi asebenzele abantu besigceme sakhe.
“Manje sekuhambe isikhathi kakhulu”.
UMatjeding ungenele isikhundla sobukhansela okhethweni oluzayo.
ULemson Moropyane, okhulumela umasipala, uthe ngemuva kokuthi umkhandlu uthole incwadi evela ku-Azapo ibazisa ngesinqumo sayo, uThokoane utsheliwe ukuthi uzosuswa esikhundleni.
“Sesingakuqinisekisa ukuthi sekukhona ikhansela elisha eMakhuduthamaga” esho.