Celani Sikhakhane
Kuboshwe ikhansela le-IFP lathweswa icala lokudlwengula nokukhulelisa intombazanyana eneminyaka eyi-14 ubudala nokuzama ukugqiba ngokukhokhela umndeni wayo ngokubanikeza indlu yomxhaso.
Icala livele ngoMandulo ngesikhathi intombazanyana ibeletha ingane. Osonhlalakahle ababizelwa esibhedlela babikela amaphoyisa.
Ngemuva kokuvula icala lobugebengu ngoMandulo, ikhansela le-PR elineminyaka engama-44 ubudala lakwazi ukungenela ukhetho lohulumeni basekhaya lwangenyanga edlule futhi lawina.
Ikhansela lethulwa emndenini wentombazanyana ngonyaka odlule. Lo mndeni ngaleso sikhathi ubuhlala endlini ewayo KwaDukuza KwaZulu-Natali.
UNksz Nondumiso Mthembu oyilungu lomphakathi wakule ndawo wathinta ikhansela eyocela usizo kulo ukuze lithuthele umndeni endlini yomxhaso.
Kodwa ngaphambi kokuba awuthuthe, umsolwa kusolakala ukuthi wasizakala ngendodakazi yomndeni eyayineminyaka eyi-13 ubudala ngaleso sikhathi, okusolakala ukuthi wadlwengula intombazanyana waze wayikhulelisa.
Ezama ukuyivala ukuthi ingakhulumi umsolwa kuthiwa wafumbathisa intombazanyana ikhulu lamarandi. Waphinde watshela umndeni wakhe ukuthi uzokwengamela ukwakhiwa kwendlu entsha ceke yomxhaso abazohlala kuyo.
Ukwakhiwa kwendlu akuzange kuqale.
“Ikhansela bekumele lisize umndeni ngendlu yomxhaso namaphasela okudla, kodwa ngebhadi intombazanyana ehlala nogogo wayo igcine ikhuleliswe ikhansela,” kusho umthombo osondelene naleli cala utshela i-Scroll.Africa.
Ikhansela liboshwe ngoMgqibelo kanti livele eNkantolo yeMantshi yaKwaDukuza. Udedelwe ngebheyili yemali eyizi-R3,000 kanti kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo mhla zimbili kuNdasa ngowezi-2022.