Ikhansela le-NFP lihudelele iqembu enkantolo ngokususwa kwalo esikhundleni 

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Ikhansela le-National Freedom Party (NFP) elasuswa esikhundleni ngoNhlaba ukuze kungene umengameli weqembu kuso kumasipala wesifunda saseZululand selilibhekise enkanto ukuphonsela inselelo lesi siqumo.

USibusiso Nkosi ufake isicelo eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu sokuthi kuhoxiswe ukususwa kwakhe esikhundleni. 

Ufuna futhi inkantolo ikhiphe umengameli we-NFP u-Ivan Barnes esikhundleni sokuba yikhansela elimele eliqembu ngokwesibalo samavoti (proportional representative) kumasipala wesifunda iZululand bese limbuyisela kulesi esikhundla sakhe akhishwa kuso. 

Phakathi kwabanye, uNkosi ubalule emaphepheni  owayenguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNkk Bongi Sithole-Moloi, umasipala waseZululand, neKhomishini yoKhetho eNingizimu Afrika. 

Uthi ukususwa kwakhe esikhundleni, kusukela ngomhlaka-14 kuNhlaba, kwakungekho emthethweni futhi kufanele kuhoxiswe ngokushesha. Udaba luzolalelwa mhlaka-2 kuMfumfu. 

UNkosi uthi isinqumo sikaSithole-Moloi sokugunyaza ukususwa kwakhe esikhundleni “sibe budedengu” ngakho kumele sibekwe eceleni. 

Ufuna futhi inkantolo ikuhoxise ukuxoshwa kwakhe ku-NFP athi kwenziwa nguBarnes ngomhlaka-26 kuNdasa. Uthi ukuxoshwa kwakhe kwakusekelwe ezinsolweni zokuthi usejoyine elinye iqembu, kodwa iqembu alizange lidalulwe. 

“Ngiyaphika ukuthi ngijoyine elinye iqembu,” kusho uNkosi emaphepheni asenkantolo. “Empeleni, ngiyasho ukuthi asikho isinqumo se-NEC sokuhoxiswa kobulungu bami be-NFP esake sathathwa emhlanganweni wangomhlaka-26 kuNdasa 2024. Lesi isinqumo nje esithathwe ngummangalelwa wesithupha [uBarnes] futhi asikho emthethweni.”

Esithombeni ngenhla: Umengameli we-NFP u-Ivan Barnes.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva