Celani Sikhakhane
USwelakhe Shelembe, oyikhansela le-DA e-Zululand, usinde ngokulambisa ngesikhathi kudutshulwa imoto yakhe.
I-Scrolla.Africa siyaqonda ukuthi lesi sigameko senzeke ngemuva kwezinsuku ekhulume emhlanganweni womkhandlu efuna kukhishwe umbiko wenkohlakalo othinta imeya, iphini lemeya kanye nosomlomo.
UShelembe nonogada bakhe bebehamba phakathi kuka-Edward no-Church Street e-Vryheid, ngesikhathi imoto izama ukubakhipha emgwaqeni ngoLwesine ebusuku. Kube sekudutshulwa imoto yakhe.
Unogada uzame ukubasindisa ngokushayela ngesivinini ukugwema ukudutshulwa.
UShelembe utshele i-Scrolla.Africa ukuthi namanje usathukile.
“Angazi ukuthi sisinde kanjani,” esho.
Engingakusho nje ukuthi kunemoto evele yaqonda kithina, kwaqala lapho ukudubula,” kusho uShelembe.
Izinhlamvu ezibalelwa kwezinhlanu zingene emotweni kodwa uShelembe nonogada bakhe baphume bengenamyocu.
UShelembe usanda kuba ngusihlalo wekomiti elihlanganisa amaqembu amaningi ngokuziphatha kuMasipala uBaqalusi ngezinsolo zokusebenzisa imali ngendlela engafanele yimeya, iphini lakhe noSomlomo. Okutholwe yilo mbiko bekumele kwethulwe emkhandlwini ezinsukwini ezizayo.
Umholi weqembu le-DA eKZN, uMnu Francois Rodgers, uthe kuyacaca ukuthi imizamo yokubulawa kwabantu bekungumsebenzi wosopolitiki nezikhulu ezinamandla ebezifisa ukumvala umlomo zithuse namakhansela ukuze azivikele.
I-Zululand idume ngokubulawa kwamakhansela eKZN.
Ikhansela le-IFP, uMnu Sibuyiselo Dlamini, libulawe ku-R66 ngemuva kokubuza ngethenda yokuphakelwa kwamanzi.
Maningi amakhansela esifunda sase-Zululand ahlaselwe ngendlela efanayo. Abanye baye basinda kodwa abanye abasindanga.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Nqobile Gwala usiqinisekisile lesi sigameko kodwa wathi bazobheka ukuthi icala likubo noma selidluliselwe ethimbeni lezepolitiki.