Celani Sikhakhane
Kudunwe imoto ebihamba ikhansela le-Democratic Alliance kanye nomunye uzakwabo kanti la malungu amabili eqembu athunjwe ngoMsombuluko.
Ababili abathunjiwe bayiswe endaweni eyihlane kwasongelwa izimpilo zabo, kodwa babuye badedelwa bengenamyocu. Imoto yabo ebinegama leqembu nokho, icwiyiwe yashiswa.
UMnu Vincent Mkhize nomunye uzakwabo we-DA ongadalulwanga igama bebehlele ukuhambela umkhankaso weqembu obuseBuhlebezwe, kodwa kuthe uma bedlula eMgungundlovu ku-R601, imoto yaqala yabalandela.
Imoto ebisolisa ifice imoto kaMkhize yaqala ukukhanyisa amalambu akhombisa ukuthi bame. Ekuqaleni abazange bame, kodwa ngenkathi imoto idlula eyabo ohlangothini, bebengenayo enye indlela.
Ngesikhathi behlisa isivinini kancane, kuqhamuke amadoda ayisithupha abehlomile emotweni athatha laba ababili.
Bahambe cishe ihora, baya endaweni eyihlane eduze nase-Richmond, idolobha elinomlando omude wodlame lwezepolitiki.
“Baqhubeke nokushayela imoto ebinabasebenzi abebeboshiwe baya endaweni eyihlane lapho abaphinde basabisa khona ngokushisa imoto kanye nabasebenzi be-DA, abaphoqelelwe ukuba balale phansi ngobuso,” kusho umholi we-DA KwaZulu-Natali uFrancois Rodgers.
Lezi zinkabi zisabise ngokubulala ikhansela uMkhize nozakwabo, kodwa bagcine sebebatshela ukuthi babaleke. Bacwiye imoto baqede bayishisa.
URodgers uthe lesi sehlakalo sibaphathe kabi kakhulu abasebenzi be-DA abathintekayo.
“Sinxusa abezomthetho ukuthi baqale uphenyo ngokushesha futhi babophe labo abenze lokhu,” engeza.
URodgers uthe yize kungakaziwa ukuthi lokhu bekuyicala elihlobene nezepolitiki yini, ugcizelele ukuthi emphakathini wentando yeningi, amaqembu ezepolitiki angeke ahlaselwe uma sekuyiwa okhethweni.
Okhulumela amaphoyisa eKZN, uKaputeni Nqobile Gwala uthe lolu daba lusaphenywa.