Ikhansela le-ANC lisolwa ngokushaya osiza umphakathi

Dalphine Tagwireyi

IKhansela le-ANC e-Mpumalanga lisolwa ngokushaya ngesibhakela isisebenzi senhlangano esiza umphakathi.

UMashia Sithole oshayiwe uyilungu le-Empumelweni Community Development (i-ECD) eqhuba uhlelo lokuphakela izintandane nabampofu.

Kuthe uma siphuka isitofu se-ECD abebepheka ngaso, lo msizi wakubona kuwukuhlakanipha ukucela usizo emphakathini nakuMasipala wendawo ukuze basishintshe.

Ngakho-ke ubize umhlangano womphakathi.

Lokhu kuthiwa kucasule iKhansela le-ANC lendawo uMnu Timothy Lukhele wase-Mpumelweni e-Vosman.

ULukhele usolwa ngokushaya uSithole ngesibhakela ngenxa yokubiza umhlangano ngaphandle kwemvume yakhe.

Uphinde wamsola ngokuthi wenza umathanda ewadini yakhe yena engazi.

“Siyi-ECD sithumele izimemo ekhanseleni lewadi, amalungu omphakathi kanye nabaholi sibazisa ngomhlangano esiwusungule noSomlomo kaMasipala wendawo e-Malahleni ukuze sicele usizo ngohlelo lwethu lwamakhishi,” kusho uSithole.

“Okusithusile uma sifika emahhovisi omphakathi ngoLwesihlanu safica kukhiyiwe. Ngenhlanhla besesivele sibhukhe kusenesikhathi ukulungiselela lo mhlangano njengoba besizidinga kakhulu izitofu nezinye izinto ukuze siqhubeke nohlelo.”

USithole uthe bagcine bekwazile ukungena ngaphakathi emahhovisi kwathi besalinde ukufika kukaSomlomo uLukhele waqala wamemeza efuna abantu baphume bezolalela ukuthi uzobhekana kanjani nalabo abenza umathanda yena engazi.

“Ngishaqekile ngoba nami ngangimeme yena njengeKhansela lakule wadi. Umhlangano wenzelwe ukuthi sikwazi ukuthola usizo ngekhishi lethu elisiza abantulayo endaweni yangakithi. Bekungewona umhlangano wepolitiki lona,” kusho uSithole.

Uthe uLukhele usondele kuye njengenkunzi ethukuthele egane unwabu ngesikhathi ezama ukumchazela inhloso yomhlangano wabe esemshaya ngesibhakela ebusweni nasekhanda ephindelela okuholele ekutheni ophe kakhulu.

ULukhele nokho uyawaphika amacala futhi uyagcizelela ukuthi ukube washaya uSithole kwakumele aboshwe.

“Lona umsebenzi wezitha zami ezidiniwe ngoba ngiphinde ngaqokwa njengeKhansela emuva kokuhlulwa okhethweni olwedlule futhi angibashayi abesifazane,” usho kanje.

USithole usevule icala lokushaya esiteshini samaphoyisa e-Vosman okwamanje bekungakaboshwa muntu.

UKaputeni Lizzy Mkaudi okhulumela amaphoyisa ase-Vosman ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokushaya kanti bathungatha uLukhele.

Izihloko zakamuva