Dalphine Tagwireyi
IKhansela uPaul Mokgosiyane uyilungu labangenele ukhetho okhethweni lohulumeni basekhaya – futhi uncintisana isikhundla esigcemeni asanda kuxoshwa kuso!
UMokgosiyane, kanye nabanye abayishumi nambili, banikezwe umyalelo wenkantolo wesikhashana mhla ziyi-18 kuMfumfu iNkantolo yeMantshi yase-Sabie wokuba bangasondeli ebhilidini likaMasipala wase-Thaba-Chweu.
IKhansela uMokgosiyane nozakwabo basolwa ngokuphazamisa nokuvala imisebenzi emahhovisi kaMasipala i-Sabie ngokuvala amahhovisi nokusabisa abasebenzi ngodlame.
Ekhuluma ne-Scrollla.Africa, uMokgosiyane uthe ukhethwe ngabantu.
“Izimbangi zami ziyakusaba ukuvela kwami ngenxa yento engiyimele,” esho.
Uthe amacala angamanga abekwe ngabaphikisi bakhe ukuze kusebenze umthetho we-ANC wokushenxa esikhundleni ngemuva kokhetho.
Manje usefuna ukuvulela labo abambophisile icala.
“Lokhu kuke kwenzeka nakwamanye amaqabane phambilini, njengoba labo abaphethe besebenzisa amandla abo ukukhipha izikhulu ezikhethiwe ngomthetho wokushenxa esikhundleni” esho.
“Ngifuna isinxephezelo. Ngiboshelwe ukushaya okujwayelekile kanye nokudelela umyalelo wenkantolo wesikhashana, kodwa angikaze ngiyenze into enjalo”.
Umyalelo wenkantolo wesikhashana ucacisa ukuthi abamangalelwa kufanele bangasondeli kuMasipala wase-Sabie futhi kufanele bavele ngaphambi kwenkantolo mhla ziyi-11 kuLwezi ukuze kutholakale umphumela wokugcina.
Ikhansela le-DA kuMasipala wase-Thaba Chweu uComfort Sibiya uthe lokhu kuyizinkomba zenkinga ebanzi ye-ANC yokuba namaqembu amancane angaphansi kwayo kulo masipala.
“Sisesimweni lapho omunye wabo ebhekene necala lokuvalwa kwamahhovisi nokucekela phansi impahla kamasipala,” esho.