Doreen Mokgolo
UNora Malebye uphila impilo yokwesaba ngemuva kwezinsolo zokuhlaselwa yikhansela le-ANC lesigceme sama-75, uSello Mphanga.
UMalebye kuthiwa ushaywe ngempama, ngezibhakela, wakhahlelwa futhi waphonswa ezindongeni yikhansela lesigceme ngesikhathi i-ANC inokhetho lwayo lomuntu ozoba yikhansela emasontweni amabili edlule e-Leboneng, e-Tshwane.
UMalebye uthe ngesikhathi sokhetho ikhansela lesigceme nalo ebeliphakathi kwabazongenela ukhetho, belilokhu lizama ukushintsha imithetho ebandakanya ukuhlinzeka umazisi.
“Ubefuna ukuthi amanye amalungu angabhalisiwe noma angenawo omazisi bawo avote,” kusho uMalebye.
“Njenge-ejenti yeqembu ngamcela ukuthi alandele umthetho ukuze ukhetho lube nobulungiswa futhi luhambe kahle”.
Ikhansela ebelithukuthele labe selitshela uMalebye ukuthi ahambe esikhungweni sokuvota nokuthi ngeke atshelwe ukuthi enzeni esigcemeni sakhe.
Ngesikhathi uMalebye emtshela ukuthi akhulume naye ngenhlonipho, kuthiwa uvuthe ngolaka, waqala ukumthuka. Ngemuva kwalokho kusolwa ukuthi umshaye ngempama, wamkhahlela futhi wamshaya ngezibhakela ngesikhathi esabisa ngokumbulala kanye nomndeni wakhe wonke.
UMalebye uthe ngesikhathi elele phansi ubeqhubeka nokumkhahlela kwaze kwaba yilapho iqulu lamadoda lisiza ngokumdonsa.
Umlenze wakhe uphukile nezimbambo zakhe eziningana ziphukile, wabe esephuthunyiswa esibhedlela lapho ahlale khona amasonto amabili ngaphambi kokuba akhishwe ngoMsombuluko.
“Ngiphoqelekile ukukhiya isango nomuzi wami ukuze ngiphephe. Ngiyesaba ukuthi uma ethola ukuthi ngiphumile esibhedlela angafika azoqedela akuqalile,” engeza.
Okhulumela amaphoyisa uSayitsheni Herman Moremi ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala elinezinhloso zokulimaza. “Umsolwa ungaphandle ngebheyili kanti uzovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yase-Temba mhla ziyisishiyagalombili kuMandulo,” esho.