Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Ikhansela le-ANC kumasipala waseNkandla libhekene nophenyo ngemuva kokuthi litholakale nesibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni.
Ozakwabo bekhansela uVukani Ngonyama omele iwadi lesikhombisa eNkandla bathi akamiswe emsebenzini womkhandlu kuze kube udaba luxazululwa enkantolo.
Ukuze amaphoyisa aqale ukunaka uNgonyama kungemuva kwesigameko sokubulala okusolwa ukuthi umataniswa naso nokuyinto eholele ekuboshweni kwakhe endaweni yase-Melmoth eFahlaza.
Uvele enkantolo ngomhlaka-14 kuNtulikazi kanti usuku lwakhe olulandelayo lwenkantolo luhlehliselwe kumhlaka-14 kuNcwaba eNkantolo yemantshi yase-Melmoth.
UNobhala we-ANC esifundeni iMusa Dladla, uMnu Nathi Xulu uthe akakalitholi ithuba lokuhlangana noNgonyama ngemuva kokuboshwa kwakhe.
“Ngisazoyithola eminye imininingwane ngoNgonyama mayelana nokuboshwa kwakhe. Ngidinga ukukhuluma noSotswebhu we-ANC eNkandla ngalolu daba,” kusho uXulu.
“Okwamanje imininingwane enginayo ngeyokuthi kuboshwe amakhansela amabili aseNkandla ngamacala okubulala. Ikhansela lethu uNgonyama ewadini lesikhombisa nelinye ikhansela le-IFP ewadini lesishiyagalolunye.
“Ngitshelwe ukuthi bebendawonye ngesikhathi beboshwa.”
UNgonyama waqokwa njengekhansela ngo-2021 ngesikhathi sokhetho lohulumeni basekhaya. Ube nesandla ekuvikeleni amawadi e-ANC evimba i-IFP ukuthi iwathathe.
Yize okhulumela amaphoyisa uConstable Thenjiwe Ngcobo eqinisekisa ukuthi baphenya uNgonyama ngamacala okutholakala nesibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni, akazange aqinisekise ukuboshwa kwekhansela le-IFP lewadi lesishiyagalolunye noma asho noma yiliphi icala lokubulala elihlobene nophenyo.
Ngesikhathi sokushicilela amaphoyisa ebengakayidaluli imali yebheyili enikwe uNgonyama.
Esithombeni esingenhla: UVukani Ngonyama
Umthombo wesithombe: Twitter